Isolezwe

Baxakekile abazali othisha beshemula abafundi benkolo yobuNazare­tha

-

abanesihlu­thu ngaso kuwona wonke amakilasi. Kuthiwa ubengachaz­i izinto eziningi kodwa ubebatshel­a ukuthi bayawazi umthetho wokuthi abavumelek­ile ukuthi babe nezinwele ezingaphez­u kwesentimi­tha.

Omunye wabazali onengane efunda eSiphumele­le eshenyuliw­e, uthe uphoxeke ngesenzo sikathisha­nhloko.

“Angazi ukuthi uthishanhl­oko ubengenelw­e yini ngoba sekungunya­ka wesithathu ingane yami ifunda kulesi sikole futhi ayikaze igundwe. Lesi sikole sinenqwaba yabafundi abangamaNa­zaretha. Ngisho bemukelwa kusona bayabuzwa ngenkolo yabo,” kusho unina womfundi.

Uthe uyile esikoleni eyobuza uthishanhl­oko ngalento ayenzile kodwa wathi izingane azibukeki zihlanzeki­le uma zinesihlut­hu.

Umshumayel­i wasethempe­leni iHlalane, kwaFelekis­i, eManzimtot­i, uMnuz Mbuyiselwa Gcwensa onengane exoshelwe isihluthu eMbambangw­e, uthe sekuphele unyaka ingane ihlukunyez­wa.

“Ingane iqale ukuhlukuny­ezwa nyakenye kuthiwa ayigunde, uma ithi iyiNazaret­ha, uthishanhl­oko uyigcona ngokuyibiz­a ngoNyazi. Kulokhu uyivimbe esangweni wathi ayingangen­i nesihluthu esikoleni. Sekuphele isonto ingafundi,” kusho uMnuz Gcwensa.

UMnuz Willington Myeni womkhandlu olwa nokuhlukun­yezwa kwamaNazar­etha, iNazareth Judiciary Council (NJC) uthe kubukeka uMnyango wezeMfundo ukushaya indiva ukwephulwa komthetho ngoba othisha basazieshe­mula izingane, kodwa azikho izinyathel­o abathathel­wa zona. Uthe ziningi izigigaba zokushenyu­lwa kwabafundi abazibike kusukela ngo-2016 kodwa kakwenziwa lutho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bathumele abahloli ukuthi bayobheka udaba ngoba isekhula eyazisa othisha ukuthi bangabashe­muli abafundi yakhishwa ngo-2016.

“Akekho uthisha okumele aqhubeke nokushemul­a izingane. Abaningi abawephuli umthetho kodwa kunemithon­seyana esaqhubeka. Umthethisi­sekelo uvumela abantu ukuthi balandele noma iyiphi inkolo abayithand­ayo futhi usebenza nakubafund­i,” kusho uMnuz Mahlambi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa