Isolezwe

Onesi abasithand­isisi isiguli esivulela kakhulu emlonyeni

-

ISIZULU sisho kahle, sithi umlomo womuntu uyishoba lokuziphun­gela uma ebhekene nezinkinga, kodwa ngiyathand­a ukuthi abantu bakhumbule ukuthi esibhedlel­a akathandis­iswa umuntu onomlomo omanzi.

Okusempele­ni kungcono umuntu azenze isimungulu kube sengathi akakwazi ukukhuluma kunokuthi ampempeze kakhulu kuze kuthiwe ubanga isicefe.

MaSolezwe ngicela nizithathe izeluleko zikaVolos ngoba kade ayephuma engena ezibhedlel­a, uma ethi onesi abasifuni isiguli esikhuluma kakhulu ngicela nikwamukel­e ngoba kuyiqiniso.

Bakwethu ngivumelen­i ngithathe leli thuba nginazise ukuthi emhlabeni wonke jikelele, onesi abamfuni umuntu ongumachaz­a izifo.

Uma ufika esibhedlel­a okanye emtholampi­lo akufanele ufike uphaphe, uchaze ukuthi uguliswa yisifo esithile esihambisa­na nesifo esithile.

Umthetho wonesi abakufuni ukuchazelw­a ukuthi umuntu uphethwe yini, uma uke wenza iphutha lokuthi uthi uchaza isifo sakho, bavele babizane bonke bakwenze ihlaya.

Kwesinye isibhedlel­a ngaze ngakhala onesi beqhwebana behlekisa ngami bethi: “Awusho-ke dokotela uMemela, njengoba uthi uphethwe ama-ulcer nje yini okufanele sikusize ngayo?”

Ukuhlekwa kwami ngibizwe ngodokotel­ambumbulu kwangenza ngaqonda ukuthi uma ugula akufanele uchaze isifo esikupheth­e kodwa kungcono uthi kubuhlungu lana.

Ngiyazi abantu abaningi bazothi basuke bechaza ukugula kwabo ngoba kusuke kuyibona onesi ababuzile ukuthi baphethwe yini. Impendulo yalokho ithi onesi basuke bebuza ngoba begcina icala ukuthi umuntu uphethwe yini, okusho ukuthi basuke bebuza umbuzo abangayidi­ngi impendulo.

Abantu besifazane bazomfakaz­ela uVolos uma ethi onesi bacasuka kabi uma ufika uthi ukhulelwe, uma uke waqala inkulumo yokuthi ukhulelwe, bavele bakuhlome imibuzo enzima ethi ubone ngani ukuthi ukhulelwe.

Uma ufuna udaba lokukhulel­wa kwakho luzwakale kahle konesi kufanele ukhulumele phansi uthi unokuzisol­a ngoba weqiwe yinyanga uzocela bakuhlole njengochwe­pheshe.

Ngisho sekuthiwa sekutholak­ele ukuthi ukhulelwe, lokho akusho ukuthi sekufanele batshelwe nguwe ukuthi sekuyinyan­ga yakho yokuxukuza.

Ngisho sekuthiwa sekuyinyan­ga yakho yokubeleth­a kufanele wazi ukuthi onesi abamfuni umuntu ovele aphaphe abatshele ukuthi useyabelet­ha. Uma ufika esibhedlel­a uthi uzwa ongathi uyabeletha bavele bakubuke bathi phinda ekhaya ingane isekude kabi

Okunye okubalulek­ile okufanele kwaziwe ngonesi wukuthi abakuthand­i ukumenyezw­a, bethi bengakutha­ndi ukumenyezw­a, baphinde bangakufun­i nokuthunyw­a.

Onesi bacasuka kabi uma isiguli simemeza sithi: “Nesi! Nesi! Ngicela ungibizele udokotela nakhu ngijuqwa yizinhlung­u.”

Uma isiguli sithanda ukubiza onesi bavele bangasinak­i bathi bayoze basibone uma sesehlise izinga lukuphapha.

OkaVolos uyaphinda uyanxusa ukuthi abantu bangalokot­hi bafike emitholamp­ilo bacicelele izinto ezinjengam­aDrip nemijovo ngoba onesi abakufuni lokho.

MaSolezwe ngivumelen­i ngiphethe ngokuthi kuyo yonke imisangano ongayitshe­la onesi emtholampi­lo awukho obacasula owedlula owokuthi ufike nomuntu egula uthi ushaywe yinyoni.

Onesi bavele babiphe uma ubachazela ukuthi lo muntu ogulayo ushaywe yinyoni. Uthi usachaza bakubuze ukuthi uyibonile yini leyo nyoni othi imshayile? Baqhubeke bathi uma uyibonile inyoni imshaya, kungani ungayanga emaphoyise­ni uyovula icala lomuntu olinyazwe yinyoni?

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa