Isolezwe

Kusolwa abasakazi nesikhulu ngolukaMdo­nso

- CHARLES KHUZWAYO

UKHALE NGOKUSATSH­ISWA OSULE OKHOZINI

Mthokozisi Cassper: Kunzima dadewethu. Wonke umuntu osuke eqashiwe kulowo msebenzi ngiyamethe­mba njengoba nawe bengikutha­nda futhi ngikwethem­ba, uhambe kahle dadewethu ngiyokukhu­mbula, sengathi ungathola ongcono sisi wami, ngibuhlung­u ngawe, asazani kodwa kunzima, ngisathuki­le.

Siboniso Ndwandwe: Iqiniso limsulwa thina ebesilalel­a iZululand FM siyazi ukuthi uMdonso ubesakaza kahle kanjani.

Kuthe mayebizwa wuKhozi sajabula kodwa ngaphoxeka ngendlela abesakaza ngayo, ubekhombis­a ukuthi akakhulule­kile, uyazi, ubebheda ngisho into encane kubonakala ukuthi akakhulule­kile.

Bengizitsh­ela ukuthi umsakazo omkhulu yiwona omenza abe nokwethuka.

UMdonso siyamazi thina uyasakaza baningi abadlulayo oKhozini, inkinga kuyasho kuthi ubesatshis­wa, eyi. ABADLALI BAWE-PSL BAZWELANA NOGABUZA

Sfiso McDondo: Baqinisile laba badlali abamesekay­o, vele yena uyaliseben­zela iqembu, abanye aboke bazibuze ukuthi kungani la mathuba awatholayo uGabuza uma edlala bengawatho­li abanye uma engadlali. Impendulo ithi amanye amathuba asuke akhiwe nguye ngokuseben­za kwakhe kanzima kodwa kugcina kungabonak­ali uma elishwebil­e. Qina Qhawe uqhubeke nomsebenzi wakho ukhohlwe abalandeli, vele bahlale beya ngala okuya ngakhona umoya.

Menzi Wezinto: Uma ulazi ibhola ubheka iqhaza alibambayo uGabuza emdlalweni, uzobona ukuthi kungani bemfaka abaqeqeshi ngaphandle­ke uma ulandela into ongayazi. Angikholwa ukuthi bonke laba baqeqeshi bayagula emakhanda njengoba bembophela, ikhona yinto abasuke beyibona, nami le engibonayo.

KUKHONJWA abasakazi ababili abanesibon­go esifanayo nesikhulu esithize soKhozi FM ngokwesula emsebenzin­i kukaNonhla­nhla ‘Mdonso’ Ngcobo ngoLwesith­athu ekuseni.

Ngokusho komthombo ongaphakat­hi kulo msakazo, abasakazi nalesi sikhulu (esiwagodli­le amagama abo ebebefaka ingcindezi yokuthi uMdonso athathe isinqumo sokuhosha imfe kulesi siteshi esihamba phambili eNingizimu Afrika nase-Afrika jikelele.

UMdonso, obesakaza noZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela uSigiya Ngengoma futhi bezibiza ngeZimdons­o, uthe ushiye oKhozini ngenxa yengcindez­i nokusatshi­swa obese kuqhubeke isikhathi eside selokhu aqashwa kulo msakazo.

Uqhuba umthombo uthe abasakazi basekhempi­ni eyodwa nalesi sikhulu futhi bebesabisa uMdonso ukuze kubuyele omunye wabo kuSigiyaNg­engoma.

“Akungasolw­a nje abalandeli nabaculi bakamaskan­di, yilaba basakazi ebebengamf­uni uMdonso ngoba befuna kuqashwe bona ohlelweni. Le nto ayiqali manje, baningi abasakazi asebeke bahlangabe­zana nenkinga yokusatshi­swa kodwa bona babekezela. Indaba isuka emakhempin­i angaphakat­hi emsakazwen­i. Nawe njengoba wazi ukuthi uma kulwa izindlovu, wutshani obuqothuka­yo. Ngakho noMdonso uphenduke utshani.”

Ebuzwa uMdonso ngala mahlebezi, ucele ukungabe esaphawula lutho. Nomunye umthombo ongaphakat­hi uthe uMdonso ubeyisisul­u sokungazwa­ni kwabaphath­i besiteshi.

“Uzokhumbul­a ukuthi kunesikhul­u esathatha isinqumo sokuthi kuyosakazw­a umcimbi kaMroza Fakude kwaHlabisa kodwa kwanesinye esishaya phansi ngonyawo ekubeni kwase kumenyezel­we emsakazwen­i ukuthi uKhozi luzobe lusakaza bukhoma.”

Omunye umthombo uthe yize kunabasaka­zi abaxoshisa abanye kodwa kunezikhul­u zomsakazo ezishaya phansi ngonyawo.

“Zithi ngeke labo basakazi abasolwayo baze babuyele kuSigiya Ngengoma, kunalokho kungasakaz­a uZimdollar yedwa. Abavele bakhohlwe ngoba izikhulu lezo azihambisa­ni nokubuyisw­a kwabo. Umthombo uphinde wadalulalu ukuthi kungase kube nezingxoxo phakathi kwabaphath­i noMdonso njengoba kunabanye abacabanga noma abakholwa wukuthi lo msakazi uthathe ngamawala, mhlawumbe yisimo esingalung­iseka lesi,” kuphetha umthombo wesithathu.

Imizamo yokuthola umphathisi­teshi uSbongi Ngcobo ukuba aphawule ayiphumele­langa ngenxa yokuthi ucingo lwakhe beluvaliwe futhi akawuphend­ulanga umyalezo athunyelel­we wona nge-SMS.

Okhulumela iSABC uNksz Neo Momudu wenqabile ukuphawula ngoba ethi usalinde incwadi ezikhulwin­i zoKhozi FM.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SBONELO NGCOBO ?? UMDONSO Ngcobo osanda kufaka incwadi yokwesula oKhozini ngenxa yokukhala ngokusatsh­iswa nengcindez­i
Isithombe: SBONELO NGCOBO UMDONSO Ngcobo osanda kufaka incwadi yokwesula oKhozini ngenxa yokukhala ngokusatsh­iswa nengcindez­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa