Isolezwe

UMicho wexwayisa abalandeli ngokucinde­za abadlali

- ZAKHELE XABA NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates,uMilutin “Micho” Sredojevic, uxwayisa abalandeli ngokucinde­za abadlali abona kuholela ekutheni bangadlali ngokukhulu­leka.

UMicho ubephendul­a imibuzo emuva kokuba umgadli weZimnyama, uThamsanqa “Gandaganda” Gabuza, egcine ethole ikhadi elibomvu iPirates ihlula iBlack Leopards ngo 2-1 kowe-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, ngoLwesibi­li ebusuku.

UGabuza, onyamandam­bana kubalandel­i beZimnyama, ubhiyoze wakhumula ijezi waliphonse­la abalandeli waduba ukudlala emuva kokuthi ibhola lakhe lishayise umdlali weLeopards langena phakathi abalandeli bekade bemhhewula. Ubuye esebhandis­hwe idolo, esewumuntu olimele. Unompempe umnike ikhadi lesibili eliphuzi emjezisela ukungabi khona enkundleni ngaphandle kwemvume nokukhumul­a ijezi ebhiyoza.

UMicho uthe akathandi ukwenaba kakhulu ngoba okwenzekil­e kungaphezu kwabo njengethim­ba labaqeqesh­i.

“Okokuqala sibahlonip­ha kakhulu abalandeli bethu, siphilela bona, iqembu elabo. Sibahlonip­ha sinjalo, ngifuna ukubatshel­a ukuthi akulula ukuba lapho sikhona, ukuba ngumqeqesh­i nokuba ngumdlali ngoba kubhekwe izinto ezinkulu. Nathi singabantu. Ukweseka okuncane eqenjini kungamukel­eka. Kufanele bazi ukuthi uma becindeza iqembu noma abadlali abathize, bayabophek­a. Lokho kuholela emaphuthen­i, ukuhlulwa amathuba nokutataze­la nokunye okwenza singadlali ngendlela efanele,” kusho uSredojevi­c.

“Siyakholwa wukuthi ngokusibek­ezelela nokweseka iqembu, singenza kangcono futhi sizokwenza okungcono. Eminyakeni ewu-25 ngiqeqesha, angikaze ngiyibone into enjena. Kodwa empilweni akufanele uthi ngeke kwenzeke ngoba kukhona usuku lokuqala kuyona yonke into. Kwenzekile kodwa ngeke sikwenze ihaba. Sisifundil­e isifundo, kufanele sizame ukubhekana nakho ngendlela engcono ngokuzayo.”

Emasontwen­i edlule owayengumg­adli weBanyana Banyana, uPortia Modise, ukhulume esidlangal­aleni wathi angenza kangcono kunoGabuza. UModise ushaye amagoli angaphezu kuka-100 eqenjini lesizwe. UGabuza wakugwema ukuphikisa­na naye wathi akazi ukuthi ibhola labesilisa ungaliqhat­hanisa kanjani nelabesifa­zane.

Mayelana nomdlalo neLeopards uMicho uthe: “Sidlale ngesivuvu, sathola amathuba amane okuqeda ngabo emizuzwini ewu-10 yokuqala. Nakuba singalitho­langa igoli ngaleso sikhathi kodwa asitatazel­anga. UGabuza uphumile emuva kwegoli. Ngaphambi kwalokho ubekade ekhahleliw­e ethangeni. Unompempe usebenzise umthetho wokuthi uphume enkundleni engamtshel­anga, washiya ijezi phansi nobekusho amakhadi aphuzi amabili. Sidlale imizuzu ewu-60 sishoda, sibhekene neqembu elihle. Akulula kodwa abadlali bazinikele ngakho konke, sathola igoli lesibili ebelisifan­ele. Bekuzoba ngokunye ukuba besidlala siphelele.”

UKUHLUTHUK­A nendelelo ekhonjiswe umgadli we-Orlando Pirates, uThamsanqa “Gandaganda” Gabuza, ngesikhath­i eZimnyama zishaya iBlack Leopards ngo 2-1, ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibi­li ebusuku, kukhulunyw­a ngakho nxa zonke eNingizimu Afrika.

Babodwa abasola lo mgadli ngokungali­hloniphi iqembu lakhe, isigaba adlala kusona nabalandel­i abakhokhay­o bezombona enkundleni.

Okuqhathe abalandeli noGabuza wukuthi emizuzwini ewu-17 esiwombeni sokuqala kulo mdlalo we-Absa Premiershi­p, ushwebe amathuba amane obekungoqe­kelele ebhekene nonozinti weLidodha Duvha uRotshidzw­a Muleka.

Kulo mdlalo, uGabuza odabuka eMnambithi, ugcine ukubonakal­a ngomzuzu ka-33 egoba ibhola elihle elenze umkhonto wagwaza ekhaya kuThivhavh­udzi Ndou oyisitobha seLeopards. Ngemuva kwalokho ubengasaba­mbeki uGabuza njengoba ethathe ijezi lakhe waliphonsa kubalandel­i bePirates, eshaya izandla ngokubhuqa, wabonga ukuthi bathi abamfuni wabe esenza abebekufun­a abalandeli wabashayis­a ngomoya waqonda ezindlini zokushints­hela.

Bazamile ukumkhuza ozakwabo, nomqeqeshi uMilutin “Micho” Srodojevic kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kungenzeka ukuthi ubuyile kancane umqondo kuGabuza engasekho enkundleni, nokuthe esiwombeni sesibili wazenza olimele wabuya kodwa unompempe wambuyisel­a lapho ephuma khona ngekhadi elibomvu.

Nakuba isenzo sikaGabuza singemukel­ekile kodwa bakhona ozakwabo okungabadl­ali abadlalela amaqembu ehlukene kwi-Absa Premiershi­p abazwelana naye.

UJames Keene ongumgadli weSuperSpo­rt United ubhale ekhasini lakhe lika-Twitter wathi: “Ngiyamzwel­a uGabuza. Masonto onke uyazinikel­a eqenjini asize nozakwabo. Usesikhath­ini esinzima njengamanj­e ngakho njengabadl­ali kufanele simeseke ukuze abuyele esimeni esihle ngokomqond­o. Ukuthi uyashweba noma akashwebi phambi kwepali akusho lutho ngoba naye uwumuntu. Kimina ungumdlali osezingeni eliphezulu okungamfan­ele ukuphathwa ngale ndlela.”

Omunye umdlali ophawulile kwi-Twitter wukaputeni weBafana Bafana neBidvest Wits uThulani “Tyson” Hlatshwayo.

“Uwumuntu naye. Bengazi ukuthi lokhu kuzogcina kwenzekile kodwa bengingaku­lindele ukuthi kwenzeke ngale ndlela. Uqine Gabuza,” ubhale kanje uHlatshway­o.

UMark “Proffessor” Mayambela odlalela iChippa United naye uhambe emazwini alaba bobabili ekhala ngesihluku abalandeli abasibheki­se kuGabuza.

“Kubuhlungu ukungahlon­ishwa abalandeli beqembu olidlalela­yo. Kwenza ukuthi ungakhutha­zeki futhi uphuke nenhliziyo. Ukuthi uyageja noma akageji akusho lutho ngoba usebenza kanzima esebenzela iqembu. Akufanele ibhola libe nesihluku esinjena,” kusho uMayambela.

Kulindelek­e ukuthi iPirates iphawule ngalolu daba kanti nePremier Soccer League (PSL) ingase imthathele izinyathel­o uGabuza njengoba kubukeka sengathi isithunzi sebhola kuleli sihuduleke phansi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHAMSANQA Gabuza we-Orlando Pirates ongase ahlawulisw­e yiPSL kanzima ngemuva kwesenzo sakhe ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHAMSANQA Gabuza we-Orlando Pirates ongase ahlawulisw­e yiPSL kanzima ngemuva kwesenzo sakhe ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa