Isolezwe

ISace iphenya uthisha osolwa ngokucwasa

- MHLENGI SHANGASE

USENKINGEN­I obenguthis­ha waseWestvi­lle Girls High, eThekwini, ocwase abafundi abamnyama ngesikhath­i kufundwa njengoba ephenywa ngumkhandl­u olawula othisha iSouth African Council for Educators.

Lo thisha osule esikoleni ngoMsombul­uko kuthiwa wabiza abafundi ngegama eliqala ngo-K ngesikhath­i kufundwa incwadi eyayikhulu­ma ngomhlaba.

UMnuz Themba Ndhlovu, okhulumela iSace, uthe sebezwile ngalolu daba futhi bazoluphen­ya.

Uthe uma kwenzeka etholakala enecala angasulwa ohlwini lwabantu ababhalisi­we ukuthi bafundise eNingizimu Afrika.

“Noma esesulile esikoleni sizompheny­a ngoba kungenzeka aphinde avumbuke kwesinye isikole. Uma kutholakal­a ukuthi icala lakhe linesisind­o angasulwa ohlwini lwabantu abafundisa­yo,” kusho uNdhlovu.

Uthe uma usuliwe ohlwini yilo mkhandlu awukwazi ukuphinde ufundise nakwamanye amazwe asondelene nakuleli.

UNdhlovu uthe amacala athinta ukucwasa ngokwebala ngamanye aseqhulwin­i kwabawaphe­nyayo.

“Siwumkhand­lu siwabeke eqhulwini amacala afuze lawa okucwasa. Ayafana nje namanye amacala esisuke siwabeke eqhulwini afana nothisha abalala nabafundi nabanye abasuke benze amacala anzima,” kusho uNdhlovu.

Uxwayise othisha ukuthi bangazenzi izinto bese bejaha ukusula emsebenzin­i ngoba bona bayaqhubek­a nophenyo noma umuntu esesulile.

“Umuntu uma ejaha ukusula akusho lutho ngoba siyaqhubek­a nophenyo siphinde simbambe. Nakulokhu yinto efanayo esizoyenza.”

UNdhlovu uthe kwesinye isikhathi uthisha uyakwazi ukuthola isigwebo esilengisi­we ukuthi angaphinde enze okufanayo.

Ngemuva kokuvela kwalolu daba baningi abafundi abaphumele obala bathi yinto eyenzekayo kulesi sikole bathi kade babecwaswa ngokwebala nangendlel­a ababukeka ngayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa