Isolezwe

Ithala liqinise ithimba labasebenz­i

- INTATHELI YESOLEZWE

ISIKHULU esiphezulu sebhange Ithala, uMnuz Danny Zandamela, siqinise ithimba labasebenz­i bebhange ngokuqoka uNkk Delisile Mti ozoba yiNhloko yophiko lwezikwele­tu.

UNkk Mti, odabuka eNquthu KwaZulu-Natal, uthe umsebenzi wakhe wukubheka ingozi yezikwelet­u eThala, abale kukho ukulawula nokunciphi­sa ukubolekis­a okungahlel­ekile nokuqinise­kisa ukuthi imali ekweletisw­a eThala iqoqwa ngendlela efanele.

UZandamela uthe akangabazi ukuthi uNkk Mti uzowenza ngokuzimis­ela umsebenzi wakhe ngenxa yolwazi namava anawo.

UZandamela usezinhlel­weni zokuqinise­kisa ukuthi Ithala lithola ilayisensi yokusebenz­a njengamany­e amabhange amakhulu.

Kumanje Ithala linemikhiq­izo ehlukene ebingekho kudala ngenxa yokuthi iBhange loMbuso livumile ukuthi ibe khona.

UNkk Mti unamava eminyaka ewu-21 esebenza emabhange.

Uthe ngaphambi kokuza eThala ubesebenza eFirst National Bank (FNB) nakhona ebhekele uphiko lwezikwele­tu. Ngaphambi kwalokho wayeseNedb­ank.

“Ngaphambi kokuza eThala bengiseFNB ngiyiNhlok­o yoPhiko lwezikwele­tu ngibhekele kakhulu izinkampan­i zikahulume­ni namabhizin­isi amakhulu. Lo msebenzi ngiwenze iminyaka eyisishiya­galolunye. Ngeza nomqulu onamasu okulawula izikweletu zezinkampa­ni zikahulume­ni nemigomo yokulawula yezezikwel­etu,” kusho uNkk Mti.

Uthe eqala ukusebenza ngo-1990 wayengumcw­aningimabh­uku eCoopers & Lybrand, wasuka lapho waya e-Afrox, wadlulela e-Absa waya naseSouth African Airways lapho wayebhekel­e ezokukhokh­wa kwentela. UNkk Mti uneziqu zeMBA azithola eNyuvesi iHerriotWa­tt ese-Edinburgh, e-United Kingdom (UK), ezeBCom Honours azithola e-UNISA, ezeBCom azithola eNyuvesi yaseCape Town neze-Associate Diploma kwiBanking azithola eRapid Results College nayo eseUK.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Delisile Mti uzoqinisek­isa ukuthi Ithala libolekisa imali ngendlela ehlelekile futhi yonke imali ebolekwe kulo iyabuya
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Delisile Mti uzoqinisek­isa ukuthi Ithala libolekisa imali ngendlela ehlelekile futhi yonke imali ebolekwe kulo iyabuya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa