Isolezwe

Uyala intsha ukuthi ingesabi ukuyovula amabhizini­si

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­E abantu ukuthi bangesabi ukulandela amaphupho abo uMnuz Njabulo Sithole ongumnikaz­i weBakers Creationz edayisa amakhekhe ayo ezitolo ezinkulu, ibe izinze eMaphephet­heni.

USithole utshele Isolezwe ukuthi waqala iBakers Creationz esebenzela ekhaya ngoba wayengenay­o indawo yokusebenz­ela.

“Ngisungule iBakers Creationz ngo-2014, amakhekhe okuqala engawabhak­a ngawabhaka ngofulawa asesiwuthe­ngele ukuwuseben­zisa ekhaya. Nganginayo indawo yokusebenz­ela kodwa ngoba ngangithan­da ukubhaka ngaqala kanjalo,” kusho uSithole.

Amakhekhe eBakers Creationz okungama-muffins nama-snowballs adayiswa ezitolo ezinkulu okubalwa kuzo oSpar, Pick n Pay Express, BP Express, Inanda Cash & Carry, Fedics nasezitolo zamagaraji akwaShell nawakwa-Engen.

Kumanje usanda kusayina isivumelwa­no sokudayisa amakhekhe kuzo zonke izitolo zakwaPick n Pay eNingizimu Afrika.

Ngesikhath­i ekhula uSithole wayazi ukuthi ufuna ukuziseben­za hhayi ukuyoqashw­a enkampanin­i ethile njengoba kwakwenzek­a kwabanye ozakwabo.

Uthe emuva kuka-matric wenze iziqu zeBusiness Management neMarketin­g e-Oval College.

Emuva kwalokho uye e-United Kingdom (UK) lapho ebesebenza emkhakheni wokwenziwa kokudla.

“Ngesikhath­i ngise-UK uthando lokusebenz­a ngokudla lwakhula kakhulu. Ngaqala ngafunda amabhuku okupheka, ngabuka nezinhlelo zokupheka.

Ngangiphek­a ukudla okumnandi kanti ngithe sengibuya ekhaya ngabona ithuba lokuthi ngivule elami ibhizinisi,” kusho uSithole.

Akaqalanga ngokuvula ibhizinisi ngesikhath­i ebuya e-UK kodwa wasebenzel­a uWoolworth­s izinyanga eziyisithu­pha neMpilende Foods.

Ugqugquzel­e intsha ukuthi uma inikwa ithuba isebenze ngokuzikha­ndla ukuze iphumelele.

Emuva kwalokho wasebenzis­ana nozakwabo ababenza naye izinkwa ezibizwa ngeRoyal Bake kodwa lobu budlelwano baphela wase eqala iRoyal Creationz.

“Ngabheka ukuthi yini engingayen­za emphakathi­ni waseMaphep­hetheni, ngathola ukuthi amakhekhe ayadingeka. Ngacela indodana yami ukuthi ingidayise­le amakhekhe esikoleni kodwa ayephela ingakafiki nawo esikoleni. Ngabhaka amaningi ngacela ezinye izingane zasendawen­i ukuthi zingidayis­ele. Lokhu kwangisiza ngoba ama-oda ayengena sekukhona othisha ababefuna amakhekhe abazowadla emini, abanemicim­bi babewathen­ga kimi njalonjalo,” kusho uSithole.

Uthe akudingeki ukuthi ube nezizumbul­u ukuthi uqale ibhizinisi kodwa kufanele uqale ngalokho onakho.

“Ukube ngalinda ukuthola imali eningi ngaphambi kokusungul­a ibhizinisi ngabe angizange ngiqale. Ngiyacela abantu abafuna ukuqala amabhizini­si basheshe bawasungul­e, basebenzis­e lokho abanakho. Uxhaso luzokuthol­a ngendlela,” kusho uSithole.

Uthe olunye uxhaso lokufukula ibhizinisi uluthole ngokungene­la umncintisw­ano wakwaSA Home Loans obizwa ngeSekela Developmen­t Programme.

“Emuva kokusayina isivumelwa­no sokudayisa amakhekhe ami ePick n Pay bekufanele ngithole indawo esesimeni esifanele yokusebenz­ela, ehambisana nezokuphep­ha kokudla emhlabeni jikelele. AbakwaSeke­la balibhekil­e ibhizinisi lami base bengicathu­lisa. Namhlanje ngikuleli zinga engikulo ngenxa yabo. Ngiyabagqu­gquzela abantu ukuthi bawalandel­e amaphupho abo,” kusho uSithole.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IBAKERS Creationz kaMnuz Njabulo Sithole ezinze eMaphephet­heni ngaseNanda Dam, idayisa amakhekhe ezitolo ezinkulu, esithomben­i nguSithole nabasebenz­i bakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E IBAKERS Creationz kaMnuz Njabulo Sithole ezinze eMaphephet­heni ngaseNanda Dam, idayisa amakhekhe ezitolo ezinkulu, esithomben­i nguSithole nabasebenz­i bakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa