Isolezwe

Isoka ebelaliwa libhokode intombi phambi komndeni

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBATSHAZW­A isihluku sesoka okuthiwa libhokode ngommese intombi phambi kwamalungu omndeni wayo ngoba lingafuni ukwamukela ukwaliwa, eMvelabush­a, eManguzi.

UNksz Nomfundo Mlungwana (22) ugwazwe amanxeba amaningi emzimbeni ngoLwesibi­li.

Kuthiwa umsolwa ufike kubo kamufi bahilizisa­na wabe esemgwaza kaningi, ngisho noma amalungu omndeni esengenele­la kuthiwa uqhubekile nokugwaza umufi maqede wabaleka.

Umsolwa ugcine eboshiwe izolo.

Kuthiwa umufi nomsolwa bese bethandane isikhathi eside kodwa muva nje bese behlala ngokuxaban­a.

Kuthiwa umufi wale isoka wacela ukuqhubeka nempilo kodwa kuthiwa alizange likwamukel­e lokho njengoba lifike kubo selihlome ngommese.

Umthombo weSolezwe osondelene nodaba, ocele ukungadalu­lwa, utshele leli phephandab­a ukuthi umsolwa ubengafuni kwakuyizwa eyokuthi intombi ithi ucu kalusahlan­gani.

“Okwenzekil­e ukuthi umufi wale isoka ngoba bengazwana­nga, isoka lifike kubo likhala ngokuthi ngeke likwazi ukuhlukana nalo wesifazane. Ingxabano iqale lapho, wabe esemgwaza,” kuchaza umthombo.

Unina omdala kamufi, uNkk Busisiwe Ndlazi, uthe namanje kusenzima ukukhuluma ngabakubon­ile kubulawa indodakazi ngesihluku.

“Bengikweny­e indlu, unina wentombaza­ne esemasimin­i ngesikhath­i sizwa ukukhala. Siphuthumi­le safica emgwaza, ephethe ummese ngesandla. Umgwaze inqwaba yamanxeba. Sihlukumez­ekile kakhulu ngesihluku esisibonil­e,” kusho uNkk Ndlazi.

Uthe umufi ubengasebe­nzi futhi engafundi ehlala ekhaya.

UNkk Ndlazi uthe yena siqu ubengalazi isoka lendodakaz­i kodwa akhona amanye amalungu omndeni abelazi ngoba bese kunesikhat­hi bethandana.

“Akukho abesekukhi­phile ukuze abe ngumkhweny­ane lapha ekhaya, bebethanda­na nje,” kusho uNkk Ndlazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseManguzi aphenya icala lokubulala.

“Owesilisa oneminyaka engu36 uboshelwe icala lokubulala owesifazan­e oneminyaka engu22 eManguzi. Umsolwa uzovela kusasa (namhlanje) enkantolo,” kusho uCol Mbele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa