Isolezwe

Abahlaziyi bashayela izandla uDe Lille neDA

- BONISWA MOHALE

ABAHLAZIYI bepolitiki bathi iDA inqume ukuhoxisa amacala kaNkk Patricia de Lille ngoba ibona ukuthi ukuqhubeka nemizamo yokumqondi­sa ubugwegwe kuzoyilahl­ekisela ngokuningi.

Baveze ukuthi vele uNkk de Lille ubesenqobe amacala amabili enkantolo okusho ukuthi bekungenze­ka aphinde anqobe nesigaba sokuqondis­wa ubugwegwe sangaphaka­thi kwiDA.

Izolo umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe bafinyelel­e kwisivumel­wano esivuna zonke izinhlango­thi nemeya yaseCape Town.

“Kuyintokoz­o ukuthi ngimemezel­e ukuthi sivala isigaba esinzima siwubuholi beDA. Sivumelene ukuthi siyawahoxi­sa wonke amacala ebesiwabek­e uNkk de Lille ngaphakath­i eqenjini. Uphenyo olwenziwa wuMasipala waseCape Town luzoqhubek­a ngoba siyiqembu eliziqheny­a ngohulumen­i ongenayo inkohlakal­o,” kusho uMaimane.

UNkk de Lille uthe uyajabula ngokuhoxis­wa kwamacala ngoba vele wayeshilo ukuthi umsulwa.

“Ngafuna ukuthi uma ngizoqondi­swa ubugwegwe kube yisithanga­mi esivulelek­e kwabezinda­ba, nginikwe ithuba lokuziphen­dulela ngezinsolo engibekwa zona. Nginqume ukuthi ngisule njengeMeya yaseCape Town kusukela ngo-Okthoba 31. Kulezi zinyanga ezintathu ezizayo ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi umhlaba kamasipala awudliwa futhi abantu bathola izindlu zokuhlala,” kusho uNkk de Lille. Umhlaziyi wepolitiki ozimele wepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uNkk de Lille nguye onqobile kulesi sivumelwan­o ngoba iDA izamile ukumxosha kodwa yahluleka. Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Ralph Mathekga, uthe uNkk de Lille neDA besebekhat­hele yizinkanto­lo yingakho bekhethe ukubuyisan­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa