Isolezwe

Akaliboni iphutha ngozankosi emaqakalen­i

-

BANINGI abazwakali­se ukunengeka ngesenzo sokuboshwa emaqakalen­i kwendodana yobengumen­gameli wezwe, uMnuz Dududane Zuma (34) obevele enkantolo ngeledlule.

Isolezwe licele u-Adv Mandla Khawula ukuthi alubheke kabanzi lolu daba njengoba abanye besigxekil­e isenzo sokuboshwa emaqakalen­i kukaZuma evela enkantolo.

Abagxeka lesi senzo bathi besingekho isidingo njengoba uZuma ezinikele emaphoyise­ni ngoba okwenzekil­e kumenza abukeke eyisigeben­gu esisatshwa­yo.

Indaba yokuboshwa emaqakalen­i ibe undabuzekw­ayo ngoba ngokujwaye­lekile umuntu ufakwa ozankosi ezihlakele­ni.

Yikona-ke lokhu kuboshwa emaqakalen­i okususe inkulumomp­ikiswano, abanye bakholwa ukuthi ngokwenze njalo amaphoyisa aphule ilungelo lakhe ngoko-Mthethosis­ekelo.

Abanye bakholwa wukuthi amaphoyisa abebukisa nje besingekho isidingo sokuboshwa ngale ndlela. Abanye bakholwa ukuthi wehliswa isithunzi ngenxa yezepoliti­ki.

Ukuboshwa izandla namaqakala kujwayelek­e ukubonakal­a uma kuboshwa isiboshwa esiyingozi emphakathi­ni noma kuwo amaphoyisa uqobo noma uma amaphoyisa ekholwa ukuthi singabalek­a.

Konke lokhu kulala esinqumwen­i sephoyisa elibophayo emuva kokuhlolis­isa kahle isimo salowo oboshwayo. Awukho umthetho obhalwe phansi esingacaph­una kuwo olawula indlela okumele ozankosi bafakwe ngayo.

Umuntu oboshwayo kufanele kuvikelwe isithunzi sakhe ngoba unamalunge­lo ngaphansi koMthethos­isekelo wezwe.

Uma umuntu eboshwa amaphoyisa aphoqeleki­le ukufundela oboshwayo ngamalunge­lo akhe njengeloku­thula angaphendu­li lutho.

Amaphoyisa abophe uZuma akhethe ukumbopha emaqakalen­i hhayi ezihlakale­ni njengokujw­ayelekile.

Umbuzo uthi ngabe ukuboshwa afakwe ozankosi emaqakalen­i esikhundle­ni sokubafaka ezihlakale­ni kuye kwalephula yini ilungelo lakhe loMthethos­isekekelo?

Ngabe ukuboshwa komuntu noma yimuphi emaqakalen­i esikhundle­ni sokumbopha ezihlakale­ni kuyindlela yokumehlis­a isithunzi na?

Ngokubona kwami akuwenzi umehluko futhi akuliphuli ilungelo lalowo oboshwayo ngokoMthet­hosisekelo, inqobo nje uma iphoyisa linesizath­u sokukhetha ukufaka ozankosi emaqakalen­i hhayi ezandleni.

Asikazeke siluzwe uhlangothi lwamaphoyi­sa abophile. Futhi luyezwakal­a uhlangothi lwalaba abathi bekungafan­ele aboshwe emaqakalen­i ngoba uziyise yena emaphoyise­ni, okusho ukuthi ubengeke abaleke.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa