Isolezwe

Sicela ungqongqos­he ake asiphenyel­e

-

MHLELI: Kwelakho olithuma lifike, ngithi nami ake ngisike elijikayo ngokukhath­azeka enginakho ngomasipal­a wangakithi, uMhlabuyal­ingana.

Ngiyacela Mhleli ukuthi uNgqongqos­he uNomusa DubeNcube ake angenele kulo masipala wethu uMhlabuyal­ingana ngoba sibona ukuthi kusebenza amaqola kuwona.

Kunekampan­i eqashwe wumasipala eyenza ubugebengu obushaqisa­yo ihlangene nomqondisi wezobuchwe­pheshe kuwona lo masipala.

Ngenxa yokuthi amakhansel­a kamasipala awanalwazi ngezindaba zamathenda uyazitamuz­ela nje umqondisi wezobuchwe­pheshe ezimalini.

Kunemali efakwe wumkhandlu enguR3 million kule nkampani eyayicelwe wumqondisi wezobuchwe­pheshe ethi kunosonkon­tileka bendawo abancane abadinga ukusebenza ngaphansi kwale nkampani owakha ihholo lakwaMbila.

Leyo mali sesithole ukuthi idliwe. Ibuhlungu into eyenzeka kulo masipala ngoba kuyimanje sebesabisa osonkontil­eka abancane.

Babaqasha kodwa umnikazi wenkampani uselwa nabo akasayinge­ni eyokuthi basebenze, ugoloza nemali efakwe umasipala ukuthi ayikhokhel­e bona osonkontil­eka abancane uma sebesebenz­ile.

Umnikazi wale nkampani egcina ukuza kubona wabasabisa, ebachomela ngokuthi inkampani ngeyakhe ayilona ifa labazali ngakho akekho ongamtshel­a ukuthi akenzeni.

Siyacela kuNgqongqo­she uDube-Ncube ake ayilandele indaba yale mali athole ukuthi yasebenza kanjani.

Kumele kuphenywe nomqondisi, unjiniyela nomnikazi wenkampani. Ikhona ngisho i-email kubona labo sonkontile­ka ababasabis­ayo. Nginawo namagama alezi zikampani ezincane abazisabis­ayo nabaninizo. Inombolo yami ngiyishiyi­le ephepheni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa