Ezinye izinhlanga mazenze okwenziwa nguMadiba kuzona
KULO nyaka uMadiba ubezohlanganisa iminyaka engu-100 ukube ubesaphila. Njengengxenye yemigubho yalokhu bekukhona owaba ngumengameli wokuqala omnyama eMelika, uMnuz Barack Obama.
U-Obama wethule isifundo ngoMandela ngoLwesibili. Ekhuluma uthe kuningi okumele kufundwe kuMadiba endleleni aziphatha ngayo ngesikhathi engumengameli njengoba aba yisibonelo esihle ngokuthi angahlali ehhovisi ungunaphakade nokukhulise umbuso wentando yabantu eNingizimu Afrika.
Uthe okunye okufanele kuncelwe kuTata yindlela aphatha ngayo ababeyizitha zakhe. U-Obama uthe uMandela wakuqonda ukuthi ukubuyisela okubi ngokubi ngeke kwasiza muntu kodwa into ezoyisa izwe phambili wukuthi kubanjiswane ngoba singabantu siyadingana.
UMadiba uhlonishwa umhlaba wonke ngenxa yakho ukuthi wathatha izinyathelo zokuthi abamnyama babuyisane nabamhlophe futhi kusetshenziswane.
Kuyiqiniso ukuthi impi yayingeke isize muntu. Kuyiqiniso futhi ukuthi singabantu siyadingana ukuthi sibambisane.
Kodwa njengoba naye u-Obama eshilo enkulumweni yakhe ukuthi ubandlululo nokucwasa ngokobuhlanga busadla lubi, akufanele egameni lokubambisana kwenziwe sengathi abantu abamnyama eNingizimu Afrika sebekhululekile.
Abantu abasebenza emapulazini namanje basathwele kanzima, ezinkampanini ezizimele abamnyama ngisho bangafunda kanjani basacwaswa ngezindlela ezehlukene okubalwa nokungaholelwa imali efana neyozakwabo bezinye izinhlanga.
Nakwezemidlalo abamnyama ababengavumelekile ukuyidlala phambilini kusenzima ukuthi banikwe ithuba kahle.
Siyakubonga lokhu uMadiba akwenza ukugwema ukuchitheka kwegazi kodwa asikwazi ukuthi singalokhu sibambelele kukhona ekubeni izinto zingashintshile.
Kuyadingeka manje ukuthi uma kukhunjulwa iqhaza likaMadiba kugqugquzelwe ukuthi ezinye izinhlanga zenze lokhu akwenza kuzona ngokuthi zishintshe ziyeke ukucwasa ngoba akulungile ukuthi ukuze kube nokuthula kufanele kube ngabantu abamnyama abehlela ngezansi.