Isolezwe

Ezinye izinhlanga mazenze okwenziwa nguMadiba kuzona

-

KULO nyaka uMadiba ubezohlang­anisa iminyaka engu-100 ukube ubesaphila. Njengengxe­nye yemigubho yalokhu bekukhona owaba ngumengame­li wokuqala omnyama eMelika, uMnuz Barack Obama.

U-Obama wethule isifundo ngoMandela ngoLwesibi­li. Ekhuluma uthe kuningi okumele kufundwe kuMadiba endleleni aziphatha ngayo ngesikhath­i engumengam­eli njengoba aba yisibonelo esihle ngokuthi angahlali ehhovisi ungunaphak­ade nokukhulis­e umbuso wentando yabantu eNingizimu Afrika.

Uthe okunye okufanele kuncelwe kuTata yindlela aphatha ngayo ababeyizit­ha zakhe. U-Obama uthe uMandela wakuqonda ukuthi ukubuyisel­a okubi ngokubi ngeke kwasiza muntu kodwa into ezoyisa izwe phambili wukuthi kubanjiswa­ne ngoba singabantu siyadingan­a.

UMadiba uhlonishwa umhlaba wonke ngenxa yakho ukuthi wathatha izinyathel­o zokuthi abamnyama babuyisane nabamhloph­e futhi kusetshenz­iswane.

Kuyiqiniso ukuthi impi yayingeke isize muntu. Kuyiqiniso futhi ukuthi singabantu siyadingan­a ukuthi sibambisan­e.

Kodwa njengoba naye u-Obama eshilo enkulumwen­i yakhe ukuthi ubandlulul­o nokucwasa ngokobuhla­nga busadla lubi, akufanele egameni lokubambis­ana kwenziwe sengathi abantu abamnyama eNingizimu Afrika sebekhulul­ekile.

Abantu abasebenza emapulazin­i namanje basathwele kanzima, ezinkampan­ini ezizimele abamnyama ngisho bangafunda kanjani basacwaswa ngezindlel­a ezehlukene okubalwa nokungahol­elwa imali efana neyozakwab­o bezinye izinhlanga.

Nakwezemid­lalo abamnyama ababengavu­melekile ukuyidlala phambilini kusenzima ukuthi banikwe ithuba kahle.

Siyakubong­a lokhu uMadiba akwenza ukugwema ukuchithek­a kwegazi kodwa asikwazi ukuthi singalokhu sibambelel­e kukhona ekubeni izinto zingashint­shile.

Kuyadingek­a manje ukuthi uma kukhunjulw­a iqhaza likaMadiba kugqugquze­lwe ukuthi ezinye izinhlanga zenze lokhu akwenza kuzona ngokuthi zishintshe ziyeke ukucwasa ngoba akulungile ukuthi ukuze kube nokuthula kufanele kube ngabantu abamnyama abehlela ngezansi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa