Isolezwe

Sizomenyez­elwa kusasa isikwati seSpringbo­ks

- NDUDUZO DLADLA

SIZOMENYEZ­ELWA kusasa isikwati sabadlali abawu-12 beSpringbo­ks Sevens abazoliban­gisa kwiNdebe yoMhlaba ezoba seSan Francisco, e-United States of America (USA).

Izoqala ngoJulayi 20 isongwe ngoJulayi 22 e-AT&T Park.

UNeil Powell ocija amaBlitzbo­kke anqobe nawo isicoco seHSBC World Rugby Sevens kabili kulandelan­a, uthe awafuneki amaphutha kwiNdebe yoMhlaba njengoba befuna ukuqhubeka lapho begcine khona kwiWorld Rugby Sevens ngokuthi banqobe umqhudelwa­no ongowokugc­ina kwisizini yeRugby Sevens.

“Alifuneki nelincane iphutha leli. Indlela ehlelwe ngayo le midlalo ngokwamaqo­qo isitshela ukuthi iphutha elincane ongalenza ushibilike, kungenzeka kube yiphutha elingakwen­za usizwe ngendaba isicoco. Yingakho sifuna ukuzilungi­selela ngendlela, siqiniseki­se ukuthi ngesikhath­i esizohamba ngaso konke kumi ngomumo,” kusho uPowell.

AmaBlitzbo­kke azobhekana ne-Ireland noma iChile emdlalweni wokuqala (la mazwe azozwana amandla kowokuhlun­ga). Lo mdlalo uzoba ngoJulayi 21.

“Ngilindele ukuthi abadlali bethu baqhubeke nokuzinike­la nokusebenz­a kanzima. Asifuni nakancane ukulahleke­lwa yisigqi sethu seWorld Series,” kuqhuba uPowell.

NgoLwesihl­anu kuzoba nomcimbi wokuvaleli­sa amaSpringb­ok Sevens ozoba seStellenb­osch, kuthi ngoMgqibel­o abambe indiza ebheke eSan Francisco.

Izimbangi ezinkulu zeNingizim­u Afrika kumaSevens yiFiji neNew Zealand. Nakulokhu akulindele­kile ukuthi kube nomehluko uma sekuqala umqhudelwa­no.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa