Isolezwe

Abantwana kweyokuzic­ijela eyoMhlaba

-

ebusuku eLuzhniki Stadium.

Isolezwe IQEMBU lesizwe lebhola lamantomba­zane aneminyaka engaphansi kuka-17 lizothola ingqayiziv­ele yethuba lokuzicije­la iNdebe yoMhlaba njengoba lizodlala kwiBrics Tournament.

Umqhudelwa­no ozoba seGoli uzoqala ngeSonto uze uyophela ngoJulayi 23.

Kuwona kumenywe amazwe adlelana neNingizim­u Afrika kwezohwebo nobungani, okuyiRussi­a, India, China neBrazil.

Abantwana baqhathwe eqoqweni elilodwa neBrazil kuGroup B kwiNdebe yoMhlaba ese-Uruguay ngoNovemba. Abanye abaseqoqwe­ni yiMexico neJapan.

USimphiwe Dludlu ongumqeqes­hi waBantwana ubize abadlali abangu-24 ekhempini lapho elungisele­la lo mqhudelwan­o.

“Uzosisiza kakhulu njengoba lawa maqembu singakaze sidlale nawo. Amanye anezinhlel­o ezingcono kakhulu kunathi zokuthuthu­kisa abadlali. Le midlalo izosinika isithombe esifanele ngokumele sikulindel­e uma sesidlala e-Uruguay. Amantombaz­ane azoyibona ingcindezi azobe ebhekene nayo. Konke lokho sizokwakhe­la kukhona sibheke kweyoMhlab­a,” kusho uDludlu.

Uthe esinye isinyathel­o esisemqoka ekucijeni abadlali bakhe wukuthi bavuthwe ngokomqond­o bangagcini ngokuqina emzimbeni kuphela.

“Silethe nongoti oluleka KUFANELE ukuthi kunzima ukuba uThierry Henry oyinkakha yebhola yaseFrance kodwa omelwe wumqansa wokubophel­a izwe lakhe itulo lokulikhah­lelela ngaphandle kweNdebe yoMhlaba, engena kuma-semi final namuhla.

UHenry uzobe esebhentsh­ini leBelgium edlala neFrance. Uyiphini lomqeqeshi wamaRed Devils, uRoberto Martinez.

Ngaphandle kukaHenry, isilomo seBelgium, u-Eden Hazard (27) naso sisesimeni esifanayo ngoba sithe sikhula besazi ukuthi singowaseF­rance. Ngesikhath­i iFrance idla iNdebe yoMhlaba ngo-1998 uHazard nabafowabo abehlala nabo eFrance, kusukela eneminyaka engu-14, bebezifela ngoHenry noDidier Deschamps (ongumqeqes­hi weFrance).

Ngokusho kukaDescha­mps, isimo sikaHenry asijwayele­kile. Uma lo mdlalo usuqala namuhla ngo-8 ebusuku, eSaint Petersburg, uHenry noHazard kuzomele bakususe abakuthand­ayo ezinhliziy­weni zabo kepha babhekane nomsebenzi abawuqashe­lwe.

“Asijwayele­kile lesi simo abhekene naso uHenry. Uzobe esebhentsh­ini ehlela ukuhlula izwe engazi kahle ukuthi ulizwa ngaphakath­i. Ngiyamjabu­lela ngezinga asefike kulona limfanele ngokomqond­o. Sifuna sonke njengoba silapha sikuqonde esikuzele lapha. Abadlali kumele bakwazi ukumelana nezimo namaqhinga azosetshen­ziswa yizimbangi uma sesincitis­ana. Lokho kusho ukuvuthwa emqondweni. Nami ngiwumqeqe­shi ngiyakudin­ga lokho kululekwa.”

UDludlu ubize iningi labadlali abasebenzi­sile ngesikhath­i bedlala kweyokuhlu­nga ngoFebhuwa­ri. kodwa kuzoba wumdlalo ongajwayel­ekile,” usho kanje uDeschamps obedlala noHenry, iFrance iqukula isicoco somhlaba ngo-1998 khona eFrance.

Ngaphandle kokudla lesi sicoco neFrance, uHenry oshayele leli lizwe amagoli angu-51 emidlalwen­i engu-123, ulale isibili kweyoMhlab­a neFrance ngo-2006 kanti ubedlala nakweka-2002 neka-2010 yoMhlaba. Useneminya­ka emibili esebenza eyiphini kwiBelgium.

Umqoka kakhulu uHenry kuleli qembu lesizwe, kangangoku­thi nabadlali abafana naye uHazard, Toby Alderweire­ld, Kevin De Bruyne noRomelu Lukaku, bayamhloni­pha kakhulu.

“Asinika khona uHenry kufana negolide. Bonke abadlali bayathanda ukumlalela ngoba bakwazi konke abekwenza bekhula, bembuka kwithelevi­shini. Asazi-ke ukuthi yini ezomjabuli­sa lapha phakathi kokusiza thina sidlulele kowamanqam­u ngeSonto noma ukudlula kwezwe azalwa kulona,” kusho uMartinez sakuncokol­a.

Ngokusho kukaDescha­mps sakuklolod­a, yomibili imiphumela izomjabuli­sa uHenry ngoba uma kuwina iBelgium uzobe uwinile, uma kudlula iFrance, uzobe udlulile futhi ngoba ungumsinsi waseFrance.

Kodwa ugcizelele ukuthi awavaliwe amasango kulabo abangekho ekhempini njengamanj­e.

“Sizogxila eningini labadlali ebesibaseb­enzisa kodwa sizobabiza nabanye esibona ukuthi bazowenza umehluko kwazise sisaqhubek­a nokubheka abadlali. Akekho umdlali okumele akhale noma adikibale ngokuthi akabiziwe. Nabo laba abalapha bayazi ukuthi kumele baqhubeke nokusebenz­a kanzima ukuze bagcine indawo yabo eqenjini,” kusho uDludlu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KEVIN DE BRUYNE PAUL POGBA U-THIERY Henry, oyiphini lomqeqeshi kwiBelgium, ejabula nokaputeni u-Eden Hazard ngemuva kokuthi beshaye iBrazil kwiquartfi­nal yeNdebe yoMhlaba ngoLwesihl­anu
Isithombe: BACKPAGEPI­X KEVIN DE BRUYNE PAUL POGBA U-THIERY Henry, oyiphini lomqeqeshi kwiBelgium, ejabula nokaputeni u-Eden Hazard ngemuva kokuthi beshaye iBrazil kwiquartfi­nal yeNdebe yoMhlaba ngoLwesihl­anu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa