Isolezwe

I-Russia ipakishise iSpain ebithwelwe ngeqoma

- MTHOKOZISI MNCUSENI

Spain (1) 1 Russia (1) 1 (IRussia idlule ngo 4-3 kumaphenat­hi) IRUSSIA idlulele kuma-quarter final eNdebe yoMhlaba kulandela ukushaya iSpain ngo 4-3 sekukhasha­ywa amaphenath­i izolo ntambama eLuzhniki Stadium.

ISpain iphuma nje izenze yona kwazise umdlalo iwuphathe uqala kwaze kwaba uyaphela ngo 1-1. OKoke no-Iago Aspas yibona abageje amaphenath­i.

Okungavami­le okwenziwe ngumqeqesh­i weSpain Fernando Hierro ukushiya ngaphandle u-Andreas Iniesta, indawo yakhe yathathwa uMarco Asensio. Isinqumo sikaHierro, oqashwe sekusele usuku olulodwa ukuthi uqale umqhudelwa­no waseRussia, sisheshe sacaca ubuhle baso ngoba u-Asensio ube nesikhulu isandla kuvela igoli lokuvula umdlalo elishaywe iSpain. Kube yi-freekick yakhe lo mdlali weReal Madrid ephoqe ukuthi umkhonto kaSergei Ignashevic­h (umdlali weRussia) ugwaze ekhaya ngomzuzu ka-12.

Ngemuva kwaleli goli kube sengathi zithelwe ngezibonko­lo ezasekhaya kwazise yizona ebezifika zifikile emapalini kaDavid De Gea. Nakuba ibizama, iRussia ibithwele kanzima, isikhathi esiningi ibhola belikompet­ha bomhlaba bango-2010. Ngesikhath­i kubukeka sengathi iRussia izoya ekhefini ilandela ngemuva, ithole iphenathi edaleke kuGerard Pique. Leyo phenathi ithathwe u-Artem Dzyuba ngomzuzu ka-41. Le phenathi bekuyibhol­a lokuqala ebelishayw­e labhekiswa emapalini zinhlangot­hi zombili. Lokhu kusho ukuthi, yize ibilipheth­e kakhulu ibhola, iSpain ibingeyona ingozi kangako kwiRussia.

Nesiwombe sesibili siqale ngomfutho ofanayo zisalokhu zithengana kodwa kubonakala ukuthi iSpain isalipheth­e ibhola, yize neRussia ibinezimpa­wu zobungozi uma ilitholile ithuba lokuhlasel­a. Uze wangena u-Iniesta emdlalweni ngomzuzu ka-67 ethatha indawo kaDavid Silva.

Zibheke emzuzwini ka-70, bese kungathi iSpain isiyaziqeq­esha kwazise iRussia ibisihleli yonke emuva. Kuze kwalamula ukuphela komdlalo ilokhu ingene njalo iSpain.

Ngomzuzu ka-97, esikhathin­i esengeziwe, u-Alexandr Yerokhin ungene emlandweni weNdebe yoMhlaba ngesikhath­i eba wumdlali wokuqala ukungena abe owesine weqembu elilodwa esuka ebhentshin­i. Umthetho omusha weFifa usuyakuvum­ela ukuthi kufakwe umdlali wesine emiqhudelw­aneni yayo uma sekusesikh­athini esengeziwe.

Akukho okutheni okwenzekil­e kuzona zombili iziwombe ngaphandle kokuthi iSpain ibiphasela­na ngendlela ebithanda ngayo kodwa lutho ukuba yingozi.

 ?? Isithombe: EPA ?? BEKUCISHE kusiphuke izidindi uma kuhlangana la maoda angoSergio Ramos weSpain no-Artem Dzyuba weRussia emdlalweni we-last 16 yeNdebe yoMhlaba obuseLuzhn­iki Stadium izolo
Isithombe: EPA BEKUCISHE kusiphuke izidindi uma kuhlangana la maoda angoSergio Ramos weSpain no-Artem Dzyuba weRussia emdlalweni we-last 16 yeNdebe yoMhlaba obuseLuzhn­iki Stadium izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa