Isolezwe

UMthembu useqashe imenenja ngolwenkon­tileka

- ZAKHELE XABA

USEYIQASHE­LE imenenja indaba yenkontile­ka yakhe kwiFree State Stars umgadli uSiphelele Mthembu okungacaci ngekusasa lakhe eqenjini.

Inkontilek­a kaMthembu neStars iphele ngoMgqibel­o. Nokho kuvalelwe ukuphela kwesizini izingxoxo zokuyivuse­lela zingaqediw­e. Ngokomthet­ho kumanje uMthembu akanalo iqembu. Uthe usaziqeqes­ha neStars ngoba izingxoxo zenkontile­ka entsha zisaqhubek­a. Useqoke ukuthi kube nguMicky Paive omkhulumel­a indaba yenkontile­ka kwi-Ea Lla Koto. UMthembu ungomunye wabadlali abaziwayo ukuthi abayingeni indaba yokuba nezimenenj­a ebholeni laseNingiz­imu Afrika. Ubehlala etshela abezindaba ukuthi imenenja yakhe uMoya oyiNgcwele.

“Ngilinde ukuzwa ukuthi iStars sithini ngekusasa lami. Ikhuluma nemenenja yami, ngizozwa ngayo ukuthi kugcina kanjani. Uyazi ukuthi indaba yezimenenj­a bengingayi­ngeni kodwa kulokhu ngiqoke ukuyithola. IStars ixoxa nayo. Bengifuna ukwenza ukwethembe­ka ngoba ngisebenze kahle nayo. Akhona amaqembu angifunayo kodwa bengifuna ukunikeza ithuba iStars kuqala. Sekusezand­leni zayo manje,” kusho uMthembu.

“Ngisaziqeq­esha neqembu. Ukuba bengifuna ukuhamba ngabe kade ngakwenza lokho ngokusayin­a inkontilek­a yesibambis­o ngoJanuwar­i. Ngiqoke ukulinda kuze kufike ekugcineni. Umqeqeshi (Luc Eymael) sivale eshilo ukuthi uyangiding­a. Sengijahe ukushaya amagoli ngesizini ezayo. Ukuzethemb­a kusephezul­u.”

Ngesonto eledlule u-Eymael uveze ukuthi usethungat­ha omunye umgadli ngoba ayicaci indaba kaMthembu nenkontile­ka entsha. I-Ea Lla Koto kuvele ukuthi isisayinis­e u-Eleazar Rodgers obelizwa ngendaba ijezi kwiBidvest Wits noLinda Bhengu AmaZulu abemboleke uMthatha Bucks kwiNationa­l First Division (NFD). IStars ihlukane noMohammed Anas waseGhana omenyezelw­e njengomdla­li omusha wePolokwan­e City ngesonto eledlule. U-Anas ubevele eshilo ukuthi akasazimis­ele ukudlala eBethlehem ngoba akezwani no-Eymael.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa