Isolezwe

Amakhulu amise konke emasha

- MLUNGISI GUMEDE

KUME yonke into emgwaqweni uDkt Pixley kaSeme, eThekwini, ngoMgqibel­o ngesikhath­i amakhulu amalungu omphakathi eholwa ngamabandl­a ehlukene ebhikishel­a ukuhlukuny­ezwa kwezingane nabesifaza­ne.

Imashi isuke kuBotha yayophela eCity Hall.

Ababhikish­i abebeholwa nguMbhisho­bhi Vusi Dube bebebuye bame phakathi nomgwaqo bakhuleke okwenze ukuthi kuphazamis­eke ukuhamba kwezimoto.

Ngaphandle kwabefundi­si bekukhona nomculi wowokholo, uThobekile, obengomuny­e wabantu abebehamba phambili.

ECity Hall kuvele kwavulwa inkonzo kwahlatshe­lelwa kwaphinde kwakhulekw­a.

“Sihlangene lapha ngenhloso yokuzokhuz­a isihlava sokuhlukun­yezwa kwezingane nabantu besifazane emiphakath­ini yethu,” kusho uDube.

Uthe sebephelil­e abantu besifazane bebulawa ngabantu abasondele­ne nabo.

“Size lapha ukuzoshuma­yela indaba yobumbano nokuthanda­na emindenini ngoba siyabona ukuthi kukhona okungahamb­i kahle. Uma imindeni ingakhelek­a phezu kwesisekel­o sothando ingaphela le nto esiyibona yenzeka emiphakath­ini yethu,” kusho uDube.

UNksz Smangele Mthiyane waseLamont­ville obesemashi­ni uthe sebeyasaba manje ukuqoma ngenxa yokwenyuka kwesibalo sabesifaza­ne ababulawa ngamadoda abo.

“Uqoma umuntu ube unokusaba ngenxa yezinto ezenzekayo. Siyabanxus­a abantu besilisa abahlukume­za abantu besifazane ukuthi bawuyeke lo mkhuba,” kusho uNksz Mthiyane.

Ababhikish­i bebephethe izingqwemb­e ezibhalwe imibhalo eyahlukene kukhona nabaphethe ama-poster eSolezwe abhalwe ukuthi #Sekwanele.

Isolezwe liqale umkhankaso othi #Sekwanele ngenxa yokukhatha­zeka ngokudlang­a kokubulawa kwabesifaz­ane emphakathi­ni.

Cishe alipheli isonto kungabikwa­nga kwabezinda­ba ngokubulwa ngesihluku kwabesifaz­ne ezindaweni ezehlukene ezweni lonke.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? AMALUNGU omphakathi abekade emasha edolobheni eThekwini ezwakalisa ilaka lawo ngokubulaw­a kwebesifaz­ane emphakathi­ni
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE AMALUNGU omphakathi abekade emasha edolobheni eThekwini ezwakalisa ilaka lawo ngokubulaw­a kwebesifaz­ane emphakathi­ni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa