Isolezwe

Usola ububha ngezenzo zentsha

- BONISWA MOHALE

UMHOLI weDA kuzwelonke, uMnuz Mmusi Maimane uthi ukungabi bikho kwamathuba omsebenzi kufaka intsha ezidakamiz­weni nasebugebe­ngwini.

UMaimane usho lokhu eChristian Revival Centre, eChatswort­h izolo.

“Umphakathi waseChatsw­orth unenkinga yobugebeng­u obuthinta abantu abasha, abagxile ezidakamiz­weni ngenxa yokungaseb­enzi. Sizoqhubek­a nokusebenz­isana nabo bonke abaholi bezenkolo ukulungisa lesi simo,” kusho uMaimane.

Uphinde wagqugquze­la abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi bayeke ukucwasana kwalo lonke uhlobo.

“Akukho okuzosilun­gela uma sicwasana. Ngikhumbul­a ngibuka ithelevish­ini emuva kokufa kukaChris Hani, ngangiphat­heke kabi futhi uNkulunkul­u wangibiza ukuthi ngishumaye­le ivangeli lokuthi masithanda­ne siyeke ukucwasana. Ngizoqhube­ka nokulishum­ayela ngoba kufanele sibambane, sithandane singabantu ukuze sizophumel­ela,” kusho uMaimane.

Umholi wentsha yeDA, uMnuz Luyolo Mphithi naye uhambe emazwini kaMaimane wathi uzoza nezisombul­ulo ezizosiza intsha engasebenz­i.

Esitatimen­deni sokusongwa kwenyanga yabantu abasha, uMphithi uthe njengoba u-50% wentsha ungasebenz­i kusho ukuthi iningi layo ligcina selingene ebugebengw­ini.

“Intsha ayisebenzi yingakho igcina ingena ebugebengw­ini. Okubuhlung­u wukuthi nohulumeni we-ANC unenkohlak­alo bese umnotho uhluleka wukudala amathuba omsebenzi. Abantu abakhohlak­ele bayavikelw­a yi-ANC kungabikho­na ojezayo ngokuchith­a imali,” kusho uMphithi.

Uthe bengabantu abasha kwiDA banohlelo lokusiza abantu abasha futhi bazokuya zonke izindawo ukubasiza ngamasu abanawo.

“Lapho kuphethe khona iDA izinga lokungaseb­enzi lehlile njengoba eWestern Cape sidale amathuba omsebenzi angu-75%. Izinga lokungaseb­enzi lehlile eTshwane, eGoli naseNelson Mandela Bay. Lokhu kwenziwa wukuthi lapho siphethe khona silwa nenkohlaka­lo futhi abantu bathola umsebenzi ngoba beneziqu zemfundo namakhono adingekayo hhayi ngobubhulu­lu,” kusho uMphithi.

Ugqugquzel­e abantu abasha ukuthi babhalisel­e ukuvota bese bevotela inhlangano abayithemb­ayo ukuthi izobalethe­la ikusasa eliqhakazi­le elinamathu­ba omsebenzi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: AYANDA NDAMANE AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maimane ugqugquzel­e abantu ukuthi balwe nomkhuba wokucwasa uma bezimisele ngokuya phambili
Isithombe: AYANDA NDAMANE AFRICAN NEWS AGENCY/ANA UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maimane ugqugquzel­e abantu ukuthi balwe nomkhuba wokucwasa uma bezimisele ngokuya phambili
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa