‘IChiefs idinga abadlali abanamava’
MINYAKENI edlule kusadlala thina bekuba yihlazo uma iKaizer Chiefs kuphele isizini inqobe isicoco esisodwa kodwa kuyangixaka ukuthi sekuphele iminyaka emithathu kodwa izicoco kazibonwa futhi kuzithulele ngomqeqeshi nangabadlali abasha abazosayiniswa kwiChiefs”.
Lena yinkulumo kaDerrick Spencer oke wayibamba kwiziMpofana phakathi kuka2004 no-2008, oveze ukuthi kuyamkhathaza ukuthi izimbangi zaMakhosi zisayina abadlali ngapha nangapha kodwa kuthule kuBafana bokuThula noXolo.
IChiefs yagcina ukunqoba isicoco kusekhona uStuart Baxter eminyakeni emithathu edlule. Ngemuva kwalokho kube sekungena uSteve Komphela ohambe engasavalelisanga eqenjini emuva kweminyaka iChiefs incela izithupha, nokunenge kakhulu abalandeli. Ushiye sekukubi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngemuva kokushaywa yiFree State Stars koweNedbank Cup.
“Kuyakhathaza impela ukuthi kuzithulele kwiChiefs abantu besayina ngapha nangapha. Ngiyazi ukuthi umqeqeshi uzomenyezelwa ngaphambi kokuqala kwamalunguselelo esizini entsha kodwa umbuzo wami uthi ngabe ngobani abadlali ezobasayinisa iChiefs? Iqiniso wukuthi idinga abadlali abanamava, abahlonishwayo, abaziwayo futhi abasatshwayo. Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi ngabe izobathola yini ngoba Amakhosi anengcindezi yokubuyisa izinsuku zenjabulo,” kusho uSpencer. UKomphela ushiye kwiChiefs irekhodi lakhe lingelihle neze. Emidlalweni ye-Absa Premiership ewu-85 unqobe ewu34, wadlala ngokulingana kwewu-36, washaywa ka-17. Emidlalweni ye-MTN 8 eyisithupha ayidlalile neChiefs, unqobe emithathu washaywa kwemithathu. Emidlalweni yeTelkom Knockout (TKO), udlale eyisishiyagalolunye neziMpofana wanqoba eyisithupha, washaywa kwemithathu. KwiNedbank Cup udlale ewu-8, wanqoba ewu-5, washaywa kathathu. USpencer uthe amagama abadlali abanjengoKhama Billiat kungakuhle avumbuke kwiChiefs kungekudala. “Ngabe isayinise isikwibhisi somdlali kuBilliat. Uhlakaniphile futhi uyasatshwa yizitobha. Kodwa kufuneka nabanye abanamava eqenjini ngoba kufanele liqale linqobe izicoco,” kusho uSpencer ozoba nomqhudelwano kule mpelasonto owaziwa ngeDerrick Spencer Soccer Festival.
Umqhudelwano uzoba seShowe High School ngoMgqibelo esiya kuwona.
Kuzobe kungunyaka weshumi kukhona umqhudelwano kanti kulindeleke ukuthi iGolden Arrows, AmaZulu FC neMaritzburg bawuhambele. Amanye amaqembu azohambela umqhudelwano Uthongathi FC, Real Kings, Royal Eagles, Richards Bay FC, Umvoti FC, Milford FC nelinye lamaqembu aseSwaziland.
Abangaphakathi KwiChiefs bathi uKaizer Motaung uzibambele mathupha ekufuneni umqeqeshi omusha. Kuthiwa akafuni ukuyibhunga nabantu abaningi indaba yokuthi yibaphi abaqeqeshi akhuluma nabo ngoba amaqembu amaningi e-Absa Premiership esebuyile elungiselela isizini entsha.
Kuvela ukuthi uPatrick Mabedi, okuphele isizini ebambile ngemuva kokushiya kukaKomphela, usazobakhona eqenjini. Imidlalo ye-Absa Premiership ka-2018/2019 izoqala ngo-Agasti 4-5.