Uzilengise kubo kwentombi obevinjwe incwadi
USASHAQEKILE umndeni wendoda ezilengise kubo kwentombi ebinencwadi yokuyivimba ukuthi isondele kuyo ngoba ikhala ngokuthi iyayihlukumeza.
UMnuz Sithembiso “Jah” Mkhize (30) kuthiwa uzilengise esihlahleni esingaphandle kwegceke lakubo kwentombi yakhe abesethandane nayo iminyaka eyisikhombisa eNanda, izolo.
UMkhize kuthiwa ufike wangqongqoza , ebanga nomsindo kubo kwentombi yakhe ngabo10 ebusuku, base befonela amaphoyisa ngoba bethukile.
Kuthiwa laba bathuswe ukuthi vele uMkhize ubenencwadi emvimbela ukuthi asondele entombini yakhe ngoba bekuthi uma bexabana ephuzile ayishaye.
Ngokusho kukamngani kamufi, uMnuz Bhekani Mbhele, uMkhize ubevele ekhombisa izimpawu zokuthi uzozibulala njengoba ubehlezi esho ukuthi uzozibulala selokhu intombi yakhe yamthathela incwadi evimbela ukuthi asondele kuyo ezinyangeni ezintathu ezedlule.
“Kuyangimangaza ukuthi uJah uzibulele ngoba wayevele ethe kumina ufuna ukwenza izinto ezizokwenza bagcine sebehlukene nayo.
“Isikhathi esiningi uma bexabana ubegcina esebeka intombi yakhe isandla , yikho yagcina isimtholele iprotection order kanti bekumele avele enkantolo ngoSepthemba.
“Bebesaqhubeka nokuthandana, ehlezi emcela ukuthi ahoxise i-protection order kodwa engavumi (intombi),” kuchaza uMbhele.
Uthe ubehleli nabanye abangani bakhe uMkhize ngoMsombuluko ebusuku, wahamba waqale waya kubo kwendodakazi yakhe (7) ayithola kwenye intombi. Wabe esedlulela kubo kwentombi.
Uyise kamufi uMfundisi Christopher Ngidi uthe usashaqekile ngalesi sehlakalo ngoba ubesase malungiselelweni okushintsha isibongo sikaMkhize abize esakhe, kwazise ubesebenzisa esikanina. “Bengazi ukuthi bebenezinkinga kodwa bengibathandazela, bengifisa ukuthi beze kimi ngibasize ngoba njengumfundisi ngihlezi ngisiza izithandani ezinezinkinga.” UNgidi uthe indodana yakhe ibilungile, ubengakaze acabange ukuthi isingaze ithathe isinqumo esikhulu kanje. Intombi kamufi ayifunanga ukukhuluma nabezindaba ngesikhathi iSolezwe lizama ukukhuluma nayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uColonel. Thembeka Mbele uthe izolo ekuseni bathole isidumbu somuntu wesilisa ozilengisile eMatendeni ngabo 5:30 ekuseni. Uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigemeko.