UMshoza waliwe ngenxa yokujola
UPHUNYUKWE wumendo ngenxa yomjolo umculi wekwaito wakuleli, uNomasonto “Mshoza” Maswangayi, okuvele ukuthi waliwe obeyisoka lakhe ebese limlobolile, uThuthukani Mvula enkundleni yokuxhumana uFacebook.
UMshoza noThuthukani bekusanda kumenyezelwa izindaba zokuthi bashade ngokwesintu nalapho uMshoza aveza khona ukuthi ujabule.
NgeSonto ebusuku uThuthukani ubhale ukuthi wamtshela uMshoza ukuthi uma emjolela uyomshiya.
“Ngakutshela ngathi uzothi uya%$#@#$ ngikubambe bese ngikushaya nge-red card. Bengilokhu ngikubuka nje ukuthi sewudlala amaoffside futhi uyanginkatsha,” kubhala uThuthukani kuFacebook.
Ekhuluma neSolezwe uThuthukani uthe, ngisho ilobolo akade eselikhiphile kubo kaMshoza akalifuni uyabapha lona.
“Ubeseziphatha ngendlela engangigculisi ngisho sindawonye njengabantu abathandanayo. Uma ngizama ukumthinta ubehlala engitshela ukuthi ukhathele, lokho okungenze ngaba nezinsolo ezinkulu futhi ngamtshela ukuthi uma eseqomile ngizombamba sihlukane kodwa wangitshela ukuthi yena akenzi lutho,” kuchaza uThuthukani.
Uthe ngosuku ambambe ngalo ubesuka eGoli eza kubo eBergville.
“Ngimbuzile ukuthi uzosuka ngasikhathi sini, wangitshela ukuthi ngehora lesithupha ntambama. Ngishayele ucingo udadewabo ngimbuza ukuthi usesukile yini, wangitshela ukuthi usuke ngehora lesihlanu. Ngihambile ngayomlinda eHarrismith nokuthe ngiyibona imoto ngabe sengiyilandela,” kusho yena.
Uthe uyilandele waze wafika endlini yesoka elisha lakhe (uMshoza). “Ngivele ngaqonda endlini njengoba nemoto yami engamnika yona ibingaphandle, umnyango uvulwe wuyena kwacaca ukuthi uyathuka wangitshela ukuthi uze kumngani wakhe. Ngimtshelile ukuthi kade ngazi ngaleli soka lakhe ngibe sengicela izikhiye zemoto yami nneselula engamthengela yona,” kuchaza yena.
Uthe uMshoza wahlangana nesoka lakhe elisha ngemuva kokuboshwa ehamba ngesivinini esiphezulu khona eHarrismith.
“Wayehamba ngo-220 waboshwa. Kula ahlangane khona naleli soka njengoba kuyilona ebeliphenya icala lakhe,” kusho uThuthukani. Uthe uphoxekile ngesenzo sale ntokazi njengoba ayithanda isimo sayo singesihle.
Imizamo yokuthola uMshoza ayiphumelelanga njengoba ucingo belusele kuThuthukani.
Isolezwe libe selithinta udadewabo kaMshoza, uThandi, othe useluzwile udaba kodwa yena usekhathele yizindaba zikaMshoza.
“Ngiyahamba manje ngiyolanda izingane zakhe ukuze ziphephe. Ngikhathele yizindaba zikaNomasonto (Mshoza). Kulesi sikhathi esiphila kuso abantu bayabulawa nezingane, uma kuphephe zona kobe kuphelile,” kuchaza yena.
Uthe ubengakakhulumi noMshoza ngale ndaba evelile.