Kugxekwe umnyango iziguli zilala phansi
IZINYUNYANA zigxeka uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngokutholakala kweziguli zasesibhedlela saseMsinga, iChurch of Scotland, okuthiwa kwatholakala kuso iziguli zilele emabhentshini, ezinye zilele phansi ngoba zilinde ukuyiswa kwezinye izibhedlela.
Izinyunyana ziveze ukuthi inkinga yokulala kweziguli emabhentshini naphansi yinto ejwayelekile ngoba kazikho izinhlelo zokuthi zinikwe indawo yokuhlala.
Izinyunyana ziphawule kanje ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo, ehambele isibhedlela ngeSonto wafica iziguli zihlaliswe ngendlela athe ubengayilindele. Kuthiwa iziguli bezilinde ukudluliselwa ezibhedlela eziseMgungundlovu ngoMsombuluko.
Phakathi kwazo bekukhona isiguli esinomdlavuza nonina nezingane.
IDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) igxeke uMnyango wezeMpilo ngesimo esificwe nguDhlomo esibhedlela.
Inxuse uMnyango wezeMpilo ukuthi uqhamuke nohlelo olucacile lokubhekana nesimo seziguli ezisuke zidinga ukudluliselwa kwezinye izibhedlela.
UMnuz Mandla Shabangu, ongumgqugquzeli weDenosa eKZN, uthe inkinga isabalele ezibhedlela zaseKZN futhi izibhedlela azikwazi ukubhekana nayo ngenxa yokushoda kwezinsiza kusebenza. Uthe sekukaningi bebika ngesimo futhi akulona icala lezikhungo zezempilo ezibhekene nezingqinamba zokungabi nezinsiza zokusebenza.
Okhulumela iHealth and Other Service Personnel Trade Union of South Africa (Hospersa), uMnuz Kevin Halama, uthe okutholwe ngungqongqoshe ngeziguli ezilala emabhentshini nezilala phansi yinto esijwayelekile ezikhungweni zezempilo.
Uthe basola yena ngesimo esingesihle sezempilo kulesi sifundazwe wathi kufanele asule.
UDhlomo ukhwele wadilika kubasebenzi nabaphathi besibhedlela ngoba ethi ubengalindele ukuthi ngabe sinenkinga yokunika iziguli indawo yokulala uma zilinde ukuyiswa kwezinye izibhedlela.
“Kungimangazile futhi kwangidina ukuthola ukuthi udaba esesikade salulungisa kwezinye izibhedlela alukakenzeki kulesi sibhedlela. Lezi ziguli zishiye amakhaya azo zeza la ukuze zibhekwe. Izibhedlela zesifunda ziyakunikeza ezokuthutha zibayise ezibhedlela ezinkulu,” kusho uDhlomo.
Uthe unike isibhedlela umyalelo wokuthi sitholele iziguli ezisuke zilindele ukuyiswa kwezinye izibhedlela indawo efanelekile yokulala.
Uthe uyazi ukuthi kunezingqinamba ezikhona ngenxa yokushoda kwezinsiza kusebenza kodwa unxusa ukuthi abaphathi besibhedlela basebenze kanzima ukuthola izindlela zokuqinisekisa ukuthi iziguli ziphathwa ngenhlonipho.