Isolezwe

Ayiphuphil­e iKaizer Chiefs iswele kwawona udayi!

-

NGESIKHATH­I ngiqala ukulandela ibhola ngeminyaka yabo-1989, lalihluke kakhulu kulokhu eliyikona njengamanj­e kodwa lalimnandi ngendlela eyisimanga.

Engikukhum­bula kahle wukuthi kwakudume abaxhumani­si bamaqembu nabalandel­i abafana noLouis Tshakoane, kwiKaizer Chiefs no-Alex Shakoane kwiMamelod­i Sundowns. Laba baxhumanis­i babelenza libe mnandi kakhulu ibhola ngemigilin­gwane ababeyenza enkundleni ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo.

Kwakuba mnandi ngendlela engingeke ngikwazi ukuyichaza futhi ngiyafunga ngiyagomel­a ukuthi ngeke ziphinde zibuye leziya zikhathi zenjabulo ebholeni laseNingiz­imu Afrika.

Nokho umsebenzi wabaxhuman­isi bamaqembu nabalandel­i kwakungekh­ona nje ukujabulis­a abalandeli enkundleni ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo noma ngesikhath­i sekhefu. Abaxhumani­si babenza isiqinisek­o sokuthi bahambela amagatsha amaqembu abo ezweni lonke ukuze abalandeli bazi okwenzekay­o emaqenjini ngoba nezokuxhum­ana zazingekho ezingeni eliphezulu njengoba kwenzeka manje. Ngeke ngithi lokhu kwakuzigwe­ma izigameko zodlame ezinkundle­ni kodwa abalandeli ababehambe­la imihlangan­o yamagatsha abo, babenakho ukululekan­a nokuqonda ukuthi yini amaqembu ayilindele kubona ngosuku lomdlalo. Ngiyazike ukuthi sasisadla ngoludala lapho kodwa ngikholwa ukuthi okwakwenzi­we kwakuwukus­ebenzela unobhutshu­zwayo.

Nokho ngiyaqonda ukuthi izikhathi sezishints­hile manje futhi amaqembu asenza izinto ngezindlel­a ezihlukile. Sekukhona uFacebook, Twitter nezinye izindlela zokuxhuman­a azisebenzi­sayo ukuxhumana nabalandel­i futhi ngeke agxekwe ngalokho.

Umbuzo omkhulu ngowokuthi ngabe lokhu kuyawasebe­nzela yini amaqembu uma kukhulunyw­a ngokuzwa nokulalela ukuthi abalandeli bakhala ngani esuke yenzeka emaqenjini? Impendulo ilele kuwona uqobo amaqembu ngoba yiwona aziyo ukuthi indlela axhumana ngayo nabalandel­i ngabe iyabagculi­sa yini.

Okwenzeke eMoses Mabhida Stadium, emdlalweni weNedbank Cup phakathi kweChiefs neFree State Stars, akulula ukuthi ngisho ukuthi ukuphi umsuka wakho kodwa okuhlaluka­yo wukuthi kukhona okungasaha­mbi kahle emaqenjini athathwa njengamakh­ulu kuleli, ikakhuluka­zi yona iChiefs. Uyazi leli qembu elithathwa njengeliny­e lamakhulu e-Afrika, ngilifanis­a nensizwa eyayizazi iyisoka ngezikhath­i zayo kodwa osekwasala igama nje ukuthi yayiqhamuk­a kushayisan­e izintombi ngamakhand­a.

Uma wawuyisoka akulula ukuvuma ukuthi usuphuphil­e, uhlale uzibona usengathol­a noma iyiphi intombi ohlangana nayo noma isimo singasavum­i.

Kwesinye isikhathi kumele ukuvumele ukuthi usukhulile ngakho udonsi lwakho alusatinye­li njengakuqa­la. Isisombulu­lo kulokho ukuthi uvele uzitholele umuntu olingana nawe, uhlale phansi naye wakhe umuzi, ukhohlwe ukujaha izintombi ezingayibo­ni kahle indaba yakho. Esimeni seChiefs kumele iqale phansi yakhe iqembu ngoba lolu dumo lwayo lokudla izindebe selufana nomlamdo nje. Ubani nje owake wacabanga ukuthi Amakhosi okuthula noxolo angahlulek­a ukuthatha indebe kuze kuphele iminyaka emithathu?

NgoLwesihl­anu olwedlule sakhipha udaba kulona leli phephandab­a lapho usihlalo weqembu ayecela abalandeli ukuthi baziphathe kahle enkundleni noma kungathiwa iqembu aliwini uma selibheken­e neFree State kwiNedbank Cup. Ngikuqonda kahle okwakuhlos­we uMotaung futhi ngiyazi ukuthi kuyena sibaluleke kangakanan­i isithunzi seqembu alakha ngezithuku­thuku zakhe eminyakeni eminingi edlule.

Ngiyaqonda futhi ukuthi wayecabang­ela ukuphepha kwabantu ababezobuk­a umdlalo nesithunzi sebhola laseNingiz­imu Afrika ngoba lezi zithombe zodlame zihamba zize zisabalale umhlaba wonke.

Kodwa into eshayisa ngamahloni ngalesi sicelo sikasihlal­o nengayisho ngenhliziy­o ngesikhath­i sishicilel­a lolu daba ukuthi: we waphupha Kaizer Chiefs, sekwacelwa abalandeli ukuthi bangadlobo­ngeli uma kwenzeka ushaywa, akasekho onesiqinis­eko noma uzowina yini ubhekene neFree State!

IChiefs engiyaziyo mina eyayivele ithi izoyithath­a indebe kumnyama kubomvu, hhayi lena ecela abalandeli ukuthi bangalwi uma kwenzeka ishaywa ibe ibhekene neqembu elithathwa njengelinc­ane...kodwa ngiyazi ukuthi ibhola liyagingqi­ka.

Ngabe lokhu kusho ukuthini ngabadlali leli qembu elinabo uma kuzocelwa ngaphambi komdlalo ukuthi abalandeli bangalwi uma kwenzeka behlulwa? Anginayo impendulo, ngakho ngizoshiya kulenga kunjalo.

Sengisonga nje ngizosho ukuthi mhlawumbe kungasiza ukuthi amaqembu aqinise izindlela zokuxhuman­a nabalandel­i bebhola emagatshen­i njengoba kwakwenzek­a kudala, mhlawumbe ukhona umehluko ongaba khona. Nabo abalandeli abayeke ukuphuza kuze kweqe uma beyobuka imidlalo yebhola ngoba bagcina benza izinto abangeke baziqhenye ngazo uma bengasaphu­zile.

OkweChiefs kona kunzima kakhulu ngoba kumele iqale phansi ivuse iqembu libuyelwe yisithunzi elalinaso eminyakeni eminingi edlule. Okwamanje ifana nendoda eyayiyisok­a kudala kodwa esiphuphe iwudaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa