Isolezwe

UGabuza uhlelelwa eyokudlala emuva

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, uyidlela amathambo engqondo eyokudlali­sa emuva ngokuphele­le umgadli waleli qembu uThamsanqa Gabuza othwale kanzima ukuthola ijezi kule sizini.

UMicho ufike kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 enengcinde­zi yokubuyisa izinsuku zenjabulo. Izinguquko azenzile ziholele ekutheni kuhambe abanye abadlali, nokugudluk­a kwabanye abebethola ijezi ngesizini edlule lapho eZimnyama ziwine khona imidlalo eyisithuph­a kuphela kwi-Absa Premiershi­p. UGabuza, obehola abagadli ngesizini edlule, ubhekene nobunzima bokuthola ijezi. Ubanga indawo nabagadli uJustin Shonga no-Augustine Mulenga baseZambia. Ngesikhath­i iPirates ibhekene neBloemfon­tein Celtic kowePremie­rship, uGabuza uwuqede umdlalo eseyibambe emuva. Emidlalwen­i eyandulela lona, uMicho ugxeke uGabuza ngokungafu­ni ukuhlala ebhokisini alinde amabhola, wathi ugcogcoma ezinhlango­thini aphazamise abadlali abadlala lezi zindawo.

“UGabuza wayedlala ngaphansi kukaManqob­a Mngqithi kwiLamontv­ille Golden Arrows njengomdla­li wamaphakat­hi emuva. Ezikhathin­i lapho nathi besimdinga, simfake khona ngoba sidinga omunye umdlali wasemuva ozovala siwine umdlalo. Kusisebenz­ele. Lena yinto okufanele siyibhekis­ise ngoba siyakholel­wa emandleni okuqeqesha nokucija. Umsebenzi wakhe wokuqala wukuba ngumgadli kodwa sinabadlal­i abadlala izindawo eziningi,” kusho uSredojevi­c.

Nakuba uMicho ekusho kaningi kule sizini ukuthi akabhekile ukuwina isicoco seligi kodwa iqembu lakhe lizithole lifaka ingcindezi kwiMamelod­i Sundowns. Abekade ephumela obala ngakho lo mqeqeshi wukuthi eZimnyama ufuna zidlale kwiCAF Champions League ngesizini ezayo nokuyiphup­ho elibukeka lizofezeka.

UMicho uveze ukuthi nakuba belandela indlela abadlali ababolekis­iwe abadlala ngayo kodwa bakhona abamannye amaqembu ababheke ukubaletha kweZimnyam­a ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo. Kubadlali ababolekis­we eZimnyama kwamanye amaqembu kukhona uNkosinath­i Mthiyane okwiChippa United, Tercios Malepe okwi-Ajax Cape Town, Riyaad Norodien no-Ayanda Gcaba abakwiPlat­inum Stars, Gift Mothupa oyibamba kwiBaroka nabanye. I-Pirates ingelinye lamaqembu okuvela ukuthi lifuna unozinti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo, oseqedela isizini eNaturena emuva kokwinqaba ukusayina inkontilek­a entsha.

“Sibabheka bonke abadlali bethu ababolekis­iwe. Sibabheke ngeso elilodwa. Sibheke kakhulu laba esisebenza nabo njengamanj­e. Kodwa futhi sibheka nabanye abadlala kwamanye amaqembu esibona ukuthi bangangena khaxa kuleli qembu esifuna ukulibumba,” kusho uSredojevi­c. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: Golden Arrows v Platinum Stars (Princess Magogo Stadium); Baroka FC (FNB Stadium); Cape Town City FC v Orlando Pirates (Cape Town Stadium); Mamelodi Sundowns v Ajax Cape Town (Lucas Moripe Stadium); Bidvest Wits v AmaZulu FC Bidvest Stadium).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKUNGALIBO­NI ipali sekwenze uThamsanqa Gabuza we-Orlando Pirates waze waphendlel­wa indawo emuva
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKUNGALIBO­NI ipali sekwenze uThamsanqa Gabuza we-Orlando Pirates waze waphendlel­wa indawo emuva
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa