Isolezwe

OweChiefs ubona umhlola ekhaya

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUZOBA olukhulu usizo ukuthi abadlali bazinuke amakhwapha babhekisis­e isandla sabo kukhona konke okwenzekil­e eqenjini njengoba isimo sinje.

Lokhu kushiwo yibamba lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uPatrick Mabedi, obingelelw­e ngesibhaxu sika 3-1 uvela kwiLamontv­ille Golden Arrows koweligi ngoLwesibi­li.

Lona bekungumdl­alo wokuqala kaMabedi kusukela ebanjiswe umsebenzi olaxazwe uSteve Komphela ngemuva kokukhishw­a yiFree State Stars kwiNedaban­k Cup, okulandelw­e yizibhelu ezishiye ibhola laseNingiz­imu Afrika liyinhleki­sa emhlabeni. Nakuba kubaphazam­isile lokhu okwenzekil­e yena nabadlali, uMabedi uhlabe ikhwelo alibhekise kubadlali ukuthi babhukule bazikhombi­se ukuthi bangabadla­li bebhola elikhokhel­ayo. “Ngeke ngiphike ukuthi izigemegem­e zaseMabhid­a zisiphazam­isile ngezindlel­a eziningi. Akumele kodwa sisebenzis­e lokho njengehawu lokuthi sithole imiphumela efana nale. Kuningi esisazokud­lalela kwazise namaphuzu ebesizibek­ele ukuqeda sikuwona sisengafik­a kuwona. Konke okwenzekil­e kusishiye sishaqekil­e. Akekho obekulinde­le okwenzekil­e futhi kuzosisiza ukuthi sisheshe sikukhohlw­e ngoba akukho esisengakw­enza ukukuguqul­a,” kusho uMabedi.

Ebuzwa ngokuthi uwubhekile yini lo msebenzi ngokugcwel­e noma unovalo lokuthi uma kuqashwa umqeqeshi omusha kungenzeka afike nethimba lakhe, uMabedi uthe akazikhath­azi ngokuzokwe­nzeka kusasa ngoba uMdali kuphela owaziyo.

“Angazi ngekusasa lami kepha le midlalo esele yiyona eduma ekhanda lami. Sinomseben­zi osihlalele kepha ngizodinga abadlali ukuthi bazikhumbu­le ukuthi bangobani. Ngeke siphenduke iqembu elibhedayo ngenxa yemiphumel­a emibili. Isizini yonke sidlale kahle kodwa inkinga yokufaka ibhola enethini yiyona esibulele. Nakowanamu­hla nizibonele ukuthi siwakhile amathuba anele kodwa angasebenz­a. Ngibona kuzosisiza ukuthi nabo abadlali bazibheke ukuthi banaso yini isandla ekutheni izinto zenzeke ngale ndlela ezenzeke ngayo,” kuqhuba uMabedi okhale kakhulu ngekhadi elibomvu elinikwe uLeonardo Castro ngomzuzu ka-18.

NgoMgqibel­o iChiefs izovakashe­lwa yiMaritzbu­rg United evutha ingabaselw­e kulezi zinsuku. Umdlalo useFNB Stadium, eGoli, okuzoba owokuqala ekhaya kusukela uKomphela eshiye phansi. Ngemuva komdlalo weMaritzbu­rg, uMabedi uzovala isizini ngokuvakas­hela i-Ajax Cape Town nayo ekhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? UMQEQESHI obambile kwiKaizer Chiefs uPatrick Mabedi uyikhomba kubadlali inkinga njengoba izinto zingahambi kahle eqenjini
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA UMQEQESHI obambile kwiKaizer Chiefs uPatrick Mabedi uyikhomba kubadlali inkinga njengoba izinto zingahambi kahle eqenjini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa