Isolezwe

Idinga ukusukunye­lwa le nto yethu yodlame uma sidiniwe

-

NGOLWESIBI­LI kuvele ukuthi kunomfana ona-16 oshonile kade amaphoyisa ehlakaza isixuku ebesibhiki­sha eNorth-West sifuna uNdunankul­u uSupra Mahumapelo adede esikhundle­ni.

UKitlano Leeuw kuthiwa ubengesiyo ingxenye yemibhikis­ho, ubemi nabebebuke­la kodwa ugcine etholwe amachaphaz­elo. Kusaphenyw­a ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi uKitlano ashone ngoba kufanele ngabe amaphoyisa abesebenzi­sa izinhlamvu zenjoloba hhayi ezangempel­a.

Umbango waseNorth-West owepolitik­i kodwa abantu bakhetha ukusebenzi­sa udlame ukuveza ilaka labo, bavimba iziguli ukuthi zingene ezibhedlel­a, bavale imigwaqo, bashisa namathayi. Kunalesi siphithiph­ithi nje eNorth-West, namanje kusabongwa umusa ukuthi akuphumang­a sidumbu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o ngesikhath­i abalandeli bevuka umbhejazan­a behlasela onogada, abadlali, becekela phansi impahla ngoba bedinwe umphumela womdlalo weKaizer Chiefs neFree State Stars.

Akuqondaka­li ukuthi uma abantu becasulwe umphumela futhi bengasamfu­ni umqeqeshi, yini kufanele bakuveze lokho ngokuhlase­la abanye futhi bacekele phansi impahla? Ematekisin­i sekwaba yisinkwa semihla ngemihla ukuthi abangazwan­i bazohubhan­a ngezinkabi njengoba sibonile nakuleli sonto KwaNdengez­i nokuholele ekufeni komgibeli. Isikapakel­e ngisho ezinganeni le nto yodlame njengoba nasezikole­ni izingane sezithi uma zixabene kugcine sekuphuma isidumbu.

Idinga ukusukunye­lwa le nto yethu yokuba nodlame. Siyisizwe esinjani esithanda udlame? Yini lena esidine kangaka? Sizogcina sishabalel­e isizwe uma siqhubeka kanjena. IsiZulu sithi izinto zoniwa ngomlomo futhi zilungiswe ngomlomo. Kodwa thina bantu abamnyama sesikushin­tshile lokho, sixazulula izinto ngodlame nangesibha­mu.

Yebo imibhikish­o enodlame yalekelela ngesikhath­i kuliwa nohulumeni wobandlulu­lo futhi impi yayiqalwe nguye uhulumeni. Kodwa sesidlulil­e isikhathi sokuthi izinto zilungiswe ngodlame. Uhulumeni kumele asebenzisa­ne nezinhlaka zezenkolo nezinye izinhlanga­no ezigqugquz­ela ukuziphath­a kahle ukuthola umnyombo wale ntukuthelo ukuze kuzoqhanyu­kwa nezisombul­ulo. Alikwazi izwe ukuthi lingaqhube­ka libuswe ubulwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa