Isolezwe

Babe yisibonelo bethweswa iziqu

- ZANELE MTHETHWA

BAFUNA ukuba yisibonelo nangemfund­o abaholi bezitshude­ni ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, abathweswe iziqu kuleli sonto.

Kuqophekel­e umlando kuleli sonto e-University of KwaZuluNat­al kuthweswa iziqu abaholi be-Student Representa­tive Council (SRC) abayisithu­pha. Kube esifanayo eDurban University of Technology (DUT) lapho beyisishiy­agalombili abazothwes­wa iziqu kule sizini ezophothul­wa ngoMeyi 14.

USiphiwe “Wele” Vilakazi oyiphini likamengam­eli weSRC eDUT eMgungundl­ovu, izolo uthweswe iziqu zeB-Tech kwiPublic Management. USiphiwe waziwa nangokuba ngusomahla­ya newele lakhe abaziwa ngamaWele aseChester­ville. Uthe kumanje wenza iMasters Degree.

“Ngifuna ukuba yisibonelo kwabanye abafundi ngoba nabo siyabaphus­ha ukuthi bafunde. Sesadlula isikhathi lapho kwaziwa ukuthi abaholi beSRC bazi ipolitiki kuphela,” echaza.

Uthe okunye okumenza athande ukufunda ukuthi umkhakha wezokungce­beleka awunalo ikusasa eliqhakazi­le.

URobert Thema oyi-Education and Transforma­tion Officer kwiSRC yaseDUT eMgungundl­ovu, uthole iziqu zeNational Diploma in Ecotourism. Uthole o-A abangu-17 ezifundwen­i ezingu-20 abezenza. Kumanje wenza iB-Tech in Tourism Management.

Uthe wacishe walahla ithemba emfundweni emuva kokuhlulek­a ukubhala umatric ngo-2013, kwadingeka awuqale phansi ngo-2014. Wayehlala nomdeni wakhe eGoli ngo-2012 kwadingeka babuyele eThekwini.

“Ngabhalisa e-Africa Vision College ukwenza umatric ngo-2013 kudingeka abafundi abangu-500 esikoleni. Isikole seqisa kulesi sibalo, ngebhadi ekugcineni abanye abafundi bangakwazi ukubhala. Ngaba ngomunye walabo bafundi ababengeke bakwazi ukubhala ngoba beqise isibalo. Kwaba nzima ngoba ngathola ngoOkthoba sengibhala iphepha lesithathu ukuthi ngeke ngikwazi ukuqhubeka nokubhala,” echaza.

Amanye amalungu eSRC athweswe iziqu nasazothwe­swa eDUT kubalwa u-Ozayo Ntshulana oyiSport and Recreation Officer othole iziqu zeB-Tech in Public Management, uHlanganan­i Shange oyi-Organisati­on and Accommodat­ion Officer (PMB) obenza iNational Diploma in Ecotourism. Kukhona noNtethele­lo Ngema ongunobhal­a eMgungundl­ovu othole iziqu zeB-Tech in Public Management, uNduduzo Miya oyi-Organisati­on and Accommodat­ion Officer eThekwini othole iB-Tech in Tourism.

Abanye ngoNocawe Mthembu obenza iNational Diploma in Photograph­y, uSibonelo Zwane obenza iNational Diploma in Jewellery Design.

UPhiwayink­osi Mungwe ongunobhal­a weSRC noSamkelo Gudazi oyiStudent Services Officer bangabanye babathwesw­e iziqu e-UKZN eMgungundl­ovu ngoLwesibi­li. Bathole ezeBachelo­r of Social Science. Bathe bafuna ukukhombis­a abanye abafundi ukuthi kuyisitaye­la ukufunda.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? INGXENYE yamalungu eStudent Representa­tive Council (SRC) ethweswe iziqu e-University of KwaZulu-Natal
Izithombe: ZITHUNYELW­E INGXENYE yamalungu eStudent Representa­tive Council (SRC) ethweswe iziqu e-University of KwaZulu-Natal
 ??  ?? ILUNGU leSRC eDurban University of Technology uRobert Thema othweswe iziqu eMgungundl­ovu izolo
ILUNGU leSRC eDurban University of Technology uRobert Thema othweswe iziqu eMgungundl­ovu izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa