Isolezwe

Ubalelwa ezigidini umonakalo wabeChiefs

- LUNGILE MAJOKA

ULINGANISE­LWA kuR2.6 million umonakalo odaleke eMoses Mabhida abalandeli bevuka umbhejazan­e ngemuva komdlalo weNedbank Cup lapho iKaizer Chiefs ihlulwe iFree Stars ngo 2-0 ngempelaso­nto.

Lesi samba sivezwe iMeya yaseThekwi­ni, uNkk Zandile Gumede, esithangam­ini sabezindab­a ebesikuyon­a le nkundla izolo ekuseni.

“Sinohla lwempahla elimele okuhlangan­isa, inkundla, amapali, uthango, nezivimbo zokulawula abantu, imigqomo, izindawo ezidedela amanzi, amapuleti, amagilasi, izihlalo namatafula. Konke lokhu kulinganis­elwa kuR2.6 million,” kusho uNkk uGumede osihlabe wasihlikiz­a isenzo sobudlova nodlame.

Uthe bengumasip­ala bazoqhamuk­a nohlelo lokuhambel­a imiphakath­i kufundiswe abantu ngokuzipha­tha ezinkundle­ni.

Imeya ithe kuzomele ifakelwe izibuko indaba yamambawu ezinkundle­ni.

“Ngeke sikubaleke­le lokho, yize singafuni ukucindeze­la ilungelo labantu lokuzijabu­lisa,” kusho imeya.

Ngesikhath­i uNkk Gumede nabezindab­a nethimba labaphathi laseMabhid­a bekhonjisw­a umonakalo izolo, bekusabona­kala lapho iqeqebana labalandel­i lokhela khona ngomlilo. Zilinganis­elwa kwezingu-10 izihlalo ezasha nenethi enombala osawolints­hi esetshenzi­swa ngonogaba ukuvimba abalandeli. Sezizonke izihlalo ezalimala zixetshulw­a zingu500.

Kwezinye izindawo bekukhona namabhodle­la otshwala afile, kusolisa ukuthi bebezicima ngophuzo.

UMnuz Vusi Mazibuko oyimenenja yaseMabhid­a, uthe umbiko uzodlulise­lwa nakwabanye abathintek­ayo. Uthe abaphathi benkundla sebefake amaphepha omonokalo enkampanin­i yabo yomshwalen­se. “Bonke abantu abathintek­ayo banayo imishwalen­se evikela impahla yabo. Umbiko sizowudlul­isela nakubona ngesikhath­i nathi sisafake awethu amaphepha,” kusho uMazibuko.

Yena noNkk Gumede bavumelene ngokuthi asikho isidingo sokuthi iChiefs ingabe iseza eMabhida.

Kule sizini, Amakhosi alethe imidlalo yawo yasekhaya eyisithuph­a eMabhida. Bekungaqal­i ukusuka uthuthuva njengoba kwenzeka eshaywe iBaroka kowe-Absa Premiershi­p.

“Izolo (ngoLwesibi­li), iChiefs idlalile e(Princess) Magogo akukho okwenzakal­ile. Awukho umbiko othi umdlali weChiefs owenze umonakalo kodwa umphakathi wethu owenze okubi,” kusho uNkk Gumede.

UMazibuko uthe banenkonti­leka yeminyaka emithathu neChiefs, eqale kule sizini futhi basazoqhub­eka nayo.

Uveze ukuthi amaphoyisa enza olwawo uphenyo mayelana nezinga lezokuphep­ha emdlalweni. Uthe lokhu kuvele ngemuva kokuthi uSihlalo wePremier Soccer League, u-Irvin Khoza esole amaphoyisa ngokungasu­kumeli phezulu ingozi yodlame eyayingase ivele eMabhida.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa