UMcCarthy usethembele kubadlali abayizinsika
USETHEMBELE ezinsikeni zabadlali umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy.
ICity idonsa kanzima kulezi zinsuku. Ayikaze inqobe emidlalweni emine edlule.
Ishaywe yiCosta do Sol yaseMozambique ngo 2-1 kwiCaf Confederation Cup kwathi kusenjalo yathelwa othulini yiMamelodi Sundowns ngo 2-1.
Phakathi nesonto eledlule iguqiswe yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 yase idlala ngokulingana ngo 1-1 neCity ngempelasonto.
UMcCarthy exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe neTeam of Choice uveze ukuthi usekhathele wukukhala ngento eyodwa.
“Sengiqala ukukhathala ngokubalisa ngento eyodwa manje. Yinto efanayo ngaso sonke isikhathi, sidlala ibhola elihehayo kodwa siyahluleka wukuqeda ngezitha. Ngishelwa yizwi isonto nesonto ngento engingayiboni. Asihlaseli, siyazidlalela nje. Uma sishaywa siyashaywa, uma siwina siyawina kanti uma sidlala ngokulingana sidlala ngokulingana. Ngendlela umdlalo ebesiwuphathe ngayo ngicabanga ukuthi silahle amaphuzu amabili,” kusho uMcCarthy.
ICity ibidlala ngaphandle kwezinsika uMatthew Rusike noTeko Modise abasalimele.
“Into emnandi wukuthi uModise noRusike bayabuya. Ngicabanga ukuthi yinto engiyidingayo kule midlalo elandelayo esizoyidlala neSuperSport United nePolokwane City. Ngizobe nginoMatthew Rusike olambile. Wajoyina iqembu ngoba sifuna azoxalula inkinga yamagoli. Ulimale ngesikhathi esibi. Uphazamisekile yena kodwa siyethemba ukuthi uzobuya axazulule le nkinga esibhekene nayo. Siyawakha amathuba kodwa sishoda ngomgadli olambile. Asinaye umgadli ofuna ukushaya amagoli angaphezu kuka-10, “kusho uMcCarthy.
ICity ihlezi endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu awu-35 ngemuva kwemidlalo ewu26.
Ngesizini edlule iqede endaweni yesithathu. Njengamanje ihlukaniswe ngamaphuzu ayisithupha neMaritzburg United esendaweni yesithathu.
“Ngiyakholwa wukuthi sisengaqeda endaweni yesithathu. Nokho akuyona into engizihlupha ngayo kakhulu. Sengihlale kulesi sigqiki izinyanga eziyisishiyagalombili. Umqeqeshi engithathe kuyena (u-Eric Tinkler) ubese esebenze njengomqeqeshi iminyaka ewu-10. Yize kuthiwa u-Eric usemusha kodwa useqeqeshe iminyaka. Ubeyiphini wase eba ngumqeqeshi ozimele. Abantu akumele baqhathanise umsebenzi owenziwe ngu-Eric nomsebenzi wami. U-Eric unamava, useke wacija ngisho i-Orlando Pirates. Angikaqedi ngisho unyaka njengomqeqeshi kodwa sengiyazi ukuthi kunjani ukudlala kowamanqamu. Abantu abanginike ithuba. Kumele ngabe bayangincoma ngoba bebezitshela ukuthi ngizohluleka.”