OweMaritzburg ufuna onompempe bavikele umdlali
UMQEQESHI weMaritzburg United, uFadlu Davids, unxusa onompempe abadlalisa imidlalo ye-Absa Premiership ukuthi bavikele umdlali wakhe uSiphesihle Ndlovu.
UDavids ukusho lokhu ngemuva komdlalo wezakhe neCape Town City eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngempelasonto.
ITeam of Choice ibambane neCity ngo 1-1. U-Andrea Fileccia ushaye igoli le-United kwathi elokulinganisa labaselwa enethini nguJuma Choke sekuyophela umdlalo.
Njengamanje iTeam of Choice ihlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-26.
Ngemuva komdlalo uDavids ukhale ngezitha azisole ngokulimaza uNdlovu. “Mhlawumbe onompempe balinde ukuthi aphuke kuqala bese bethatha izinyathelo ezinqala (kubadlali abadlalisa kabi uNdlovu). Kumele iqedwe le nto. Akukwazi ukuthi yonke imidlalo udlaliswa kabi ka-15 noma ngaphezulu. Into efana naleyo ayamukelekile. Ngabe sizimisele ngokubulala abadlali abayikusasa lezwe kalula kanjalo? Onompempe kumele bayisukumele le nto ngokuthatha izinqumo ngasekuqaleni komdlalo, “kusho uDavids.
UNdlovu usephenduke isithandwa sabalandeli bebhola eNingizimu Afrika ngenxa yebhola elinenkosi phakathi alidlalayo. Kubhekwe ukuthi azihambele kalula nomklomelo womdlali ovelele kwi-Absa Premiership.
Muva nje ubesesikwatini seBafana Bafana esikhale semuka neFour Nations eZambia.
ITeam of Choice iyeke ithuba lokuhlala ngokukhululeka endaweni yesithathu ngokubambana neCity.
IKaizer Chiefs ixetshulwe yiChippa United ngo 3-0 kwathi iFree State Stars yabambana ngo 1-1 neLamontville Golden Arrows, nokungamaqembu angemuva kwayo.
“Ngidumele ngokuthola iphuzu. Asizikhathazi ngeChiefs neFree State Stars. Konke esikwenzayo kugxile kithina nasekukhuliseni iqembu. Asekhona amabhawodi axegayo. Sithole inqwaba yamathuba okuqeda ngeCity kodwa sawayeka,” kusho uDavids.
ITeam of Choice igqemeke engeqiwa ntwala ngoWilliam Twala emboleke kwiChiefs ngoJanuwari. Lo mdlali othinteke onyaweni lwangakwesokudla ngeke esadlala kule sizini.
Ngesizini edlule i-United iqede endaweni yesikhombisa kwilog ngamaphuzu angu-38 okube yisibalo esikhulu samaphuzu eyake yasiqoqa.