Abafuni ukuqagela ngokubulawa kommeli
ABOMNDENI wommeli obulewe emzini wakhe eLa Lucia, eThekwini, bathi abafuni ukuqagela ngokuthi kungani ebulewe, bazolinda uphenyo lwamaphoyisa.
UMnuz Thamsanqa Ndwandwe (46) waKwaGugothandayo, KwaNongoma, uthelwe ngoyaba lwezinhlamvu engena esithabathabeni somuzi wakhe ngoLwesine ebusuku.
Umufi kuthiwa ubephuma ejimini esalinde kuvuleke isango ngesikhathi kuqhamuka umuntu ongaziwa emdubula.
UMnuz Benjamin Daniel Ndwandwe ongumfowabo uthe abafuni ukuqagela ukuthi kungani umfowabo ebulewe.
“Inkinga ngokuqagela wukuthi ugcina usuholele amaphoyisa ophathe angakwazi ukuphenya kahle. Asazi ukuthi kungani umfowethu ebulewe, sizolinda wona amaphoyisa ukuba aphenye. Okunye esikuthembile wukuba amakhamera abheke kule ndlu, aveze ukuthi ngobani ababulali ngoba siyasola ukuthi bebeqube khona lapha ngaphakathi emzini womfowethu uma sibuka indlela adubuleke ngayo,” kusho uNdwandwe.
Ngokusho komndeni umufi ushonele ezandleni zendodana yakhe eneminyaka engu-19.
Indodana nayo efundela ukuba wummeli ePitoli, eyenza unyaka wesibili, ibisendlini ngesikhathi izwa kuqhuma isibhamu.
Kuthiwa iphumile endlini yazama ukuhlenga uyise, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ngesikhathi Isolezwe lifika emzini kaNdwandwe, indodana ebibonakala iphazamisekile ngenxa yalesi sigameko, ithe isiyangabaza ukuqhubeka nezifundo zokuba ngummeli.
Izihlobo nabangani bebengena bephuma bezoduduza umndeni, bekukhona nozwakwabo bakamufi. OwayeyiMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo naye ubekhona ezobhonga emswaneni.
UNdwandwe onenqwaba yeziqu zokuba ummeli nezamabhizinisi, ubenamahhovisi eMorningside, iNdwandwe and Associate Attorneys. Umfowabo uthe umsebenzi abewenza kakhulu owokuthengwa nokudayiswa kwezindlu nezamabhizinisi okwaziwa ngokuthi i-Commercial Litigation.
Umfowabo uthe ubewusizo olukhulu kubo njengoba bengu-10 kubo.
Uthe umfowabo baningi abebebukela kuye njengoba engummeli osuka endaweni yasemakhaya. Uthe kubo KwaNognoma, wakhele unina (uMaDlamini) indlu anamagumbi angu-13. UNdwandwe ubenezingane ezintathu ena-19, eneminyaka eyisikhombisa neneminyaka emine. Wayeshadelwe uMaZungu, bahlukanisa wabe eseshadelwa uKaMashinini ongumabhalane enkantolo yaseThekwini. Uzofihlwa ngoMgqibeko KwaNongoma. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha ababulali. Kunxuswe ongaba nolwazi ukuba athinte amaphoyisa.