Isolezwe

Ngeke zisaba nezimbobo iziguli - Dhlomo

- LUNGI LANGA

LIQOPHE umlando ithimba lodokotela abayisipes­heli abelapha izifo ezithikame­za ukusebenza kwezinso basesibhed­lela saseThekwi­ni, Inkosi Albert Luthuli Central, abakhiphe amatshe akheka emapayipin­i asezinswen­i (kidney stones) ezigulini besebenzis­a inaliti.

UDkt Ehab Goad nethimba lakhe obekukhona kulo nodokotela osewungoti kulo mkhakha, uDkt Hooran Patel bakwazile ukukhipha amatshe ezigulini ezintathu ezineminya­ka ephakathi kuka-58 no-66 esibhedlel­a Inkosi Albert Luthuli Central emasontwen­i amabili edlule.

UDkt Goad uveze ukuthi ngenxa yokuthi iziguli azibi nomthungo omkhulu nosuke kufanele ulindwe uphole, zidedeliwe ukuthi zigoduke emuva kwezinsuku ezimbili zikhishiwe amatshe. “Uma sizama ukufinyele­la ensweni sizama ukubulala amatshe ngokujwaye­lekile siye sivule imbobo enkulu esuke ingadala umonakalo esikhumben­i noma idale umonakalo ensweni uqobo kodwa sisebenzis­a le ndlela esenze ngayo sikwazile ukuvula imbobo encane ongeke uyibone uma sekuqediwe. Le ndlela isiza ngokuthi usheshe ufike etsheni kalula futhi isiguli sikwazi ukuthi sisheshe sigoduke mhlawumbe emuva kosuku noma izinsuku ezimbili sikhishwe amatshe ezinsweni.”

Uthe bekuqala ukuthi kwenziwe lolu hlelo esibhedlel­a sikahulume­ni njengoba lusanda kwenziwa nasezibhed­lela ezizimele. Kuqala bekuvame ukuthi isiguli sihlinzwe sivulwe imbobo enkulu. UDkt Goad uthe baze baluyeka lolu hlelo ngoba lwalulimaz­a izinso. Uthe ukuvula imbobo ensweni kwakufana nokuyigwaz­a ngento ecijile futhi kwakuhluku­meza. Unxuse abantu ukuthi bazinakeke­le njengoba ethe sekuvamile manje ukuthi bathole amatshe kubantu. Uthe bekungavam­ile ukuthi bathole iziguli ezinawo kodwa manje sebezibona njalo.

Usole indlela abantu abadla ngayo wathi nayo ineqhaza ekutheni babe nawo. Uthe kufanele kungalindw­a ukuthi kuze kube nezifo kodwa kufanele zivikelwe zingakaqal­i

Unxuse abantu ukuthi bavikele izifo ezifana nalesi ngokuthi baphuze amanzi kakhulu, badle ukudla okunempilo, bagweme ukufaka usawoti omningi ekudleni nokudla kakhulu inyama nokunye.

Ubonge ithimba abesebenzi­sana nalo ngesikhath­i benza lo msebenzi nabaphathi besibhedle­la ngokubesek­a ngesikhath­i belungisel­ela ukuwenza kwaze kwafinyele­la ekugcineni.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ulincomile leli thimba ngempumele­lo yalo. “Kuhle ngoba ngeke zisaba nezimbobo iziguli.”

Uthe njengomnya­ngo bagxile ekutheni bavikele izifo ngokuthi zilashwe zisaqala kodwa bayakujabu­lela ukubona izinhlelo ezifana nalolu lokukhishw­a kwamatshe ngendlela okwenze ngayo leli

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDKT Sibongisen­i Dhlomo ehalalisel­a uDkt Ehab Goad wasesibhed­lela Inkosi Albert Luthuli Central ngomsebenz­i wakhe nethimba lakhe njengoba bekhiphe amatshe (kidney stones) ngohlelo olusasetsh­enziswa ezibhedlel­a ezizimele
Isithombe: SITHUNYELW­E UDKT Sibongisen­i Dhlomo ehalalisel­a uDkt Ehab Goad wasesibhed­lela Inkosi Albert Luthuli Central ngomsebenz­i wakhe nethimba lakhe njengoba bekhiphe amatshe (kidney stones) ngohlelo olusasetsh­enziswa ezibhedlel­a ezizimele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa