Isolezwe

Icala ‘kobekhwaba­nisa’ ngomazisi kanjiniyel­a

- S’MANGELE ZUMA

USINDE kobezama ukusebenzi­sa umazisi wakhe ukudala isikweletu esitolo sezingubo unjiniyela waseMahlab­athini osezinze ePitoli.

UMnuz Mandla Shandu (39), ongunjiniy­ela wasemayini iLonmin eNorth West, ufuna ajeze aphinde akhiphe asebenzisa­na nabo umlisa oboshwe kwa-Edgars enxanxathe­leni yezitolo eShelly Beach, ePort Shepstone ngempelaso­nto edlule.

Uthe lo mlisa ubanjwe ezama ukukhwaban­isa ngegama lakhe esitolo.

“Ngithuke ngoma ngithintwa abasehhovi­si elikhulu lakwa- Edgars bengitshel­a ukuthi kunomlisa ofike wazenza mina. Bathi le ndoda ifike yathi icela ukwenzelwa elinye ikhadi lesikwelet­u ngoba elayo lilahlekil­e. Imenenja yesitolo kuthiwa isolile ukuthi kukhona okushaya amanzi uma isibheka imininingw­ane yami ithola ukuthi ngihlala ePitoli kodwa lo muntu uthi uzokwenza ikhadi esitolo sabo,” kusho uShandu.

Uthe imenenja ibe isicela uphiko lwasesitol­o olubhekele ukukhwaban­isa ukuthi lumcubungu­lisise lo mlisa.

“Ithe imenenja baqiniseki­se izinsolo zabo ngesikhath­i beshayela inombolo yocingo ebhaliwe kodwa lungakhali kuyena. Bangithint­ile bebuza ukuthi ikhadi lami likuphi ngasho ukuthi likumina futhi ngisemzini wami ePitoli. Babize amaphoyisa waboshelwa khona lapho. Angazi ukuthi imininingw­ane yami uyithathep­hi. Kuthiwa imibuzo ngami uyiphendul­e kahle wahluleka esebuzwa ukuthi imali yendlu yami ngayibolek­wa yiliphi ibhange,” kusho uShandu.

Okumxakayo wukuthi akakaze alahlekelw­e umazisi wakhe okumenza adideke ukuthi bawuthathe­phi.

Imenenja yakwa-Edgars eShelly Beach, uNksz Lisa Nyuswa, inqabile ukuphawula yathi ayivumelek­ile ukukhuluma nezintathe­li.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa asePort Shepstone abophe owesilisa oneminyaka engu-46 ngecala lokukhwaba­nisa.

“Uvele enkantolo yeMantshi ePort Shepstone ngoLwesibi­li icala lahlehlise­lwa uLwesithat­hu uJanuwari 31,” kusho uCaptain Gwala.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMLISA osesithomb­eni ubhekene necala lokuqola ngemuva kwezinsolo zokugxumek­a isithombe sakhe kumazisi womunye umuntu
Isithombe: SITHUNYELW­E UMLISA osesithomb­eni ubhekene necala lokuqola ngemuva kwezinsolo zokugxumek­a isithombe sakhe kumazisi womunye umuntu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa