Isolezwe

Kufanele kwenzeke okwethulwe wuRamaphos­a

-

UFANELWE wukuthi ugculiseki­le uMnuz Cyril Ramaphosa ngokuphume­lela kwemigubho yeminyaka engu106 kwasungulw­a i-ANC njengoba bekunochun­gechunge lwemicimbi e-East London, e-Eastern Cape, ngempelaso­nto.

Zonke izinhlaka zomfelanda­wonye olubambise­ne ne-ANC zifikile, azigcinang­a nje ngokubinge­lela esiteji njengokujw­ayelekile emicimbini kaKhongolo­se kepha zizibophez­ele ukubambisa­na nayo njengoba sekunguye umengameli.

Izinkumbi zabantu ezigcwalis­e phama inkundla iBuffalo City zizwakalis­e ukujabula nethemba abanalo.

Yilona lelo themba naye uRamaphosa abelokhu ekhuluma ngalo enkulumeni yakhe yokuqala eyenziwa ngumengame­li we-ANC, iJanuary 8 Statement.

Yilo futhi lelo themba amalungu okuqina eqembu analo lokuthi kube khona ubumbano kwi-ANC, hhayi ukunqoba kohlangoth­i oluthize nobesekuyi­thumba elibuhlung­u elimila i-ANC uma sekuyisikh­athi sokukhetha ubuholi.

Yithemba lempilo engcono, yona le mpilo i-ANC eyayihlaba ikhwelo layo ngenkathi isaholwa yingqalabu­tho uNelson Mandela eminyakeni engu-25 eyedlule.

URamaphosa ubeke esinye isithombe e-East London, okungese-ANC ezoqinisa ekuphucule­ni impilo yabantu ngokubanik­a imfundo yamahhala emanyuvesi, ukwabiwa kabusha komhlaba, ukuguqulwa ngokushesh­a komnotho, ukukhuculu­lwa kwenkohlak­alo nokuqinisa izinsika zombuso ukuqinisek­isa ukuthi labo abanamacal­a bayashushi­swa bajeze ngaphandle kokusaba nokwenzele­la.

Wexwayisil­e nangokuthi i-ANC isizokhulu­ma ngazwi linye, ukungaboni ngaso linye kuzoba yinto ebhungwa iphelele ngaphakath­i eqenjini kanti uma amalungu - naphezulu kangakanan­i ekhuluma noma edala uqhekeko, azojeziswa.

Sengathi inkulumo kaRamaphos­a ingangagci­na nje ngokunika abantu ithemba kepha kwenzeke lokhu abekhuluma ngakho.

Uma yena nesigungu esiphezulu bezimisele ngokubuyis­a isithunzi seqembu ngo-2019, kumele kuye ngamagama enkehli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa