Isolezwe

‘Ngeke siwakhokhe amademeshe’

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnuz Julius Malema, uthi ngeke baxolise noma bakhokhele amademeshe enzeke ezitolo zakwaH&M ngesikhath­i amalungu abo ecekela phansi impahla.

Amalungu e-EFF amashele ezitolo zakwaH&M adudulela phansi izinto ezibeka impahla ekhangisiw­e ngoba ecikwa yisikhangi­so somfana obegqoke ijakhethii elinombhal­o othi “The coolest monkey in the jungle”.

“Ngeke sixolise noma silungise amademeshe enzeke ezitolo zakwaH&M ngoba abanikazi bazo bahlambala­za abantu abamnyama. Babize izingane zethu ngezimfene. Emuva kwemashi yamalungu e-EFF sebeyayazi imfene ukuthi yinto enjani,” kusho uMalema.

UMalema usho lokhu emuva kokuthi uNksz Refiloe Nt’sekhe, okhulumela iDA kuzwelonke, ethe i-EFF kufanele ikhokhe izindleko zokucekela phansi impahla ezitolo zakwaH&M.

“Kasihambis­ani nezikhangi­so ezicwasa ngokwebala, ubuhlanga, ubulili nangayo yonke indlela kodwa ukucekela phansi impahla ngeke kulungise lutho. Kuzoholela ekutheni abantu baphelelwe wumsebenzi kuvimbe nabatshali­zimali ukuthi beze eNingizimu Afrika,” kusho uNksz Nt’sekhe.

Uthe i-EFF kufanele iyeke ukusebenzi­sa udlame nokucekela phansi impahla uma kukhona engeneme ngakho.

“Ziningi izindlela zokuveza into osuke unganeme ngayo hhayi ukucekela phansi impahla. I-EFF kufanele ikhokhe umonakalo owenziwe ngamalungu ayo ezitolo zakwaH&M. Kufanele ikhumbule ukuthi kunabantu abaqashiwe ezitolo abangase baphelelwe wumsebenzi uma iH&M ihamba eNingizimu Afrika,” kusho uNksz Nt’sekhe.

UNksz Palesa Kwitshana, oyisikhulu esiphezulu seSA Fashion Institute esiza abasiki bengqephu ukuthi bafake izimpahla zabo ezitolo ezinkulu nokuthi bazivulele ezabo izitolo, uthe ukube izitolo ezinkulu zifaka impahla eyenziwe kuleli ngabe azikho izikhangis­o ezifana nesakwaH&M.

“Kuhle ukuthi kukhulunyw­e ngodaba lwakwaH&M kuphinde kugqugquze­lwe izitolo ezinkulu ukuthi zithenge impahla eyenziwe kuleli. Sidinga uhulumeni, izitolo nabantu bethu ukuthi basixhase ngokutheng­a impahla. Umkhakha wokuthungw­a kwezimpahl­a udala amathuba amaningi omsebenzi ngakho kufanele kuthengwe impahla yakuleli,” kusho uNksz Kwitshana.

Uthe abakugqugq­uzeli okwenziwe ngamalungu e-EFF ezitolo zakwaH&M kodwa bayathemba kuzovula abantu, uhulumeni nezitolo ezinkulu amehlo ngokubalul­eka kokuthenga okwakhiwe eNingizimu Afrika.

UNksz Amelia-May Woudstra, obhekelele ezokuxhuma­na kwaH&M South Africa, uthe izitolo zabo zivaliwe okwamanje, zizovulwa uma sebebona ukuthi isimo siphephile.

Uthe abasebenzi babo abangeni esikhangis­weni esisuse umsindo futhi bayaxolisa ngaso ngoba kabahambis­ani nokucwasa.

 ?? Isithombe: Thobile Mathonsi/ANA ?? KUDALEKE umonakalo esitolo sakwa-H&M enxanxathe­leni yezitolo iMenlyn, ePretoria, ngesikhath­i amalungu e-EFF ecekela phansi impahla ekhononda ngesikhang­iso
Isithombe: Thobile Mathonsi/ANA KUDALEKE umonakalo esitolo sakwa-H&M enxanxathe­leni yezitolo iMenlyn, ePretoria, ngesikhath­i amalungu e-EFF ecekela phansi impahla ekhononda ngesikhang­iso
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa