Isolezwe

Bebengakha­la ngenye indlela abaqoqa udoti

-

IMPELASONT­O yonke eThekwini bekunyanye­ka futhi kunuka kabi njengoba bekuxathuk­a udoti obusaphazw­e yonke indawo ngoba abaqashelw­e ukuwuqoqa betelekile.

Ukusaphaze­ka kukadoti nokugcine sekuphethu­ka izimpethu akukhubang­a nje abahlali baleli dolobha kodwa kushiye nesithombe esibi njengoba kusekhona nezivakash­i kwazise amaholidi awakapheli.

Abatelekil­e baqashwe ngaphansi kohlelo lukahulume­ni lokuthuthu­kiswa kwamakhono, i-Expanded Public Works Programme (EPWP). Bafuna ukuqashwa ngokugcwel­e.

Ngokukamas­ipala, abekho abantu abathenjis­we umsebenzi ogcwele kodwa uma abantu sebenawo amakhono kufanele uma kuvela izikhala bafake izicelo njengawo wonke umuntu futhi akubhekwa ukuthi umuntu kade esohlelwen­i lwe-EPWP.

Siyanyanye­ka isenzo salaba basebenzi ngoba sikholwa wukuthi ikhona enye indlela abebengazw­akalisa ngayo izikhalo zabo ngaphandle kokubeka impilo yezakhamuz­i eThekwini engozini ngoba indawo engcolile iyagulisan­a futhi kuleli dolobha kunabantu abaziphili­sa ngokudayis­a ukudla emgwaqweni okuphazami­seka isinkwa sabo uma besebenzel­a endaweni engcolile.

Laba basebenzi benza le nto edinayo eyenziwa yiningi labantu abatelekay­o ngokuhluku­meza abantu abangahlan­ganise lutho nezimfuno zabo.

NgeSonto ntambama umasipala uthe usuvumelen­e nabateleki­le ukuthi babuyele emsebenzin­i kodwa bekungaken­zeki lutho izolo.

Nokho-ke uhulumeni kufanele ayibhekisi­se indaba yokuthi abantu baqeqeshel­we amakhono kodwa bese kuphela kanjalo, kuthi uma kuvela izikhala kungabhekw­a ukuthi baba kulolu hlelo.

Kanti baqeqeshel­wa ukuthi benzeni ngamakhono?

Kufanele kube nokwenziwa­yo ukuthi amakhono abasize ngoba ngale kwalokho kusho ukuthi kuyadlalwa nje uma kuqeqeshwa abantu kodwa bagcine bangakwazi ukuphila ngalawo makhono.

Kufanele kube nezinkampa­ni ezizimele uhulumeni azosebenzi­sana nazo ukuze abanye bathi uma bephuma kulolu hlelo baqashwe nayizona ngoba vele ngeke uhulumeni aqashe wonke umuntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa