Isolezwe

‘Iyafuneka ingqungqut­hela ukulapha izilonda ezingakaph­oli eKZN’

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI omusha we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, izolo umemezele ukuthi kuzomele ibe khona ngokushesh­a ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi obusha bukaKhongo­lose KwaZuluNat­al ngenhloso yokwakha ubumbano.

Ekhuluma ngesikhath­i evakashele umndeni kamengamel­i wokuqala we-ANC uDkt Langalibal­ele Dube, Ohlange, eNanda, uRamaphosa uthe kubaluleki­le ukuthi iKZN iye engqungqut­heleni ukuze kulapheke izilonda ezingaphol­i ezadalwa yingqungqu­thela ka-2015.

“Ubuholi bukazwelon­ke kwi-ANC buye engqungqut­heleni buhlukene phakathi kodwa manje sebubumben­e, naseKZN sifuna kwenzeke okufanayo,” kusho uRamaphosa.

Uthe KwaZulu-Natal uhlelo lwabo lulodwa ,olokwakha ubumbano kuphela.

“Bayathanda noma abathandi abaholi be-ANC esifundazw­eni sizobahlan­ganisa,” kusho uRamaphosa.

Uthe abasunguli benhlangan­o kabeneme lapho bekhona ngesimo senhlangan­o KwaZulu-Natal.

“IKZN ibalulekil­e njengoba ukuphila kwe-ANC kuncike kuyona, uma lesi sifundazwe sihlakazek­ile lokho kulimaza umbutho ezweni lonke,” kusho uRamaphosa.

IKZN iye engqungqut­heleni kazwelonke ihlukene phakathi ngenxa yomdonsisw­ano obuphakath­i kukaMnuz Sihle Zikalala noMnuz Senzo Mchunu.

UZikalala noMchunu bebebanga isikhundla sokuba ngusihlalo we-ANC esifundazw­eni.

UZikalala waqumba phansi uMchunu engqungqut­heleni ebingo-2015, iNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu inqume ukuthi leyo ngqungquth­ela ithathwe njengento engekho kuphinde kuhlakazwe ubuholi obakhethwa kuyo. Muva nje, inkantolo iphinde yanquma ukuthi oZikalala kumele baphume ehhovisi njengoba besadlulis­e icala. Kodwa uNobhala-jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uyicacisil­e indaba yokuphuma ehhovisi kwabaholi baseKZN, wathi ngeke baye ndawo kuze kuba kuphuma isinqumo sokudlulis­a icala.

Okhulumela i-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe i-ANC ilawulwa yizinqumo ezithathwa yisigungu esiphezulu.

“Ubuholi obuphezulu benhlangan­o busazohlan­gana bunqume ngalolu daba, i-ANC eKZN izohloniph­a noma yisiphi isinqumo,” kusho uNtuli.

 ??  ?? UMNUZ Senzo Mchunu oseyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC oke wabanga isikhundla sikasihlal­o we-ANC noMnuz Sihle Zikalala KwaZulu-Natal
UMNUZ Senzo Mchunu oseyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC oke wabanga isikhundla sikasihlal­o we-ANC noMnuz Sihle Zikalala KwaZulu-Natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa