Isolezwe

UThabo kungenzeka ahlale kwiDowns

- MINENHLE MKHIZE

UYAHLALA kwiMamelod­i Sundowns uThabo Nthethe ophelelwa yinkontile­ka ngoJuni.

UNthethe ulizwa ngendaba ijezi kule sizini ka-2017/18. Umiswe kabi nguModjeka Madisha noWayne Arendse phakathi nenkundla emuva.

Imenenja yakhe uTim Sukazi we-Quality Talent Sports, itshele Isolezwe ukuthi uNthethe kungenzeka ahlale kwiSundown­s. “Okwamanje besingakan­geni ezingxoxwe­ni neSundowns ngekusasa likaThabo. Nakanjani kule minyaka akuyona ufuna ukudlala kodwa iSundowns isamphethe kahle. Ngonyaka ozayo iSundowns iphindela kwiCaf Champions League. UThabo ubambe elikhulu iqhaza ngesikhath­i iqembu linqoba iChampions League ngo-2016 kanti nakulo nyaka udlalile. Njengoba sekuzovulw­a ukubhalisw­a kwabadlali abazogijim­a kuChampion­s League uThabo kungenzeka abhaliswe.”UNthethe (33) ufike kwiSundown­s ngo-2014 esuka kwiBloemfo­ntein Celtic. Kuleli qembu usefike wahlabana ngesicoco se-Absa Premiershi­p, Telkom Knockout, Caf Champions Legaue neCaf Super Cup. Lo mdlali uke wayibamba isikhathi eside kwiBafana Bafana. Udlale imidlalo engu21 washaya igoli elilodwa. Ubekhona ngesikhath­i iBafana ibamba iqhaza kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2013 eNingizimu Afrika.

NgeSonto ngo-3.30 ntambama uNthethe kubhekwe ukuthi aphinde aqhubeke nokuba wukudla kwebhentsh­i uma iSundowns isibhekene neLamontvi­lle Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini.

ISundowns ikhombisa izimpawu zokubuyelw­a yifomu kulezi zinsuku. Isidlale imidlalo emine ilandelana ingashaywa. Iqumbe phansi i-Orlando Pirates, Bidvest Wits neBaroka FC yase idlala ngokulinga­na ngo 0-0 neChippa United ecijwa nguTebogo “Tebza” Moloi owenza umsebenzi oncomekayo kuleli qembu elidume ngokuxosha abaqeqeshi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa