Isolezwe

Alingadliw­a sengathi yindali kaBlack Friday ifa loshonile

-

ABANTU abadala njengoVolo­s bakhonela ukuthi bakhuze uma inqola iphuma esipolini ngoba abantu abancane abakhuzani noma omunye wabo esebonakal­a ukuthi uyongena ehlathini. Kuyiqiniso elingephik­we yimuntu ukuthi abantu besimanje bangamatha­tha angakwazi ukwehlukan­isa izinto okufanele bazihlonip­he nabangafan­ele bazihlonip­he. Kulesi sikhathi esiphila kusona sinenkinga yokuthi abantu abasazihlo­niphi izimpahla zomuntu oshonile. Thina sikhule sazi ukuthi izimpahla zomuntu oshonile ziyahlonis­hwa ngoba zithathwa ngokuthi ziyinsila yakhe.

Bakwethu siyavuma ukuthi ifa lomuntu oshonile kufanele lidliwe ngoba usuke engasekho engasophin­de avuke kodwa kuwukugaga­mela okubi ukuthi ifa lomuntu lidliwe liphuthuny­we ongathi yindali kaBlack Friday. Siyazi sonke ukuthi isimo sezomnotho asisihle kodwa lokho akusho ukuthi uma kushone umuntu eneselula ene-Airtime sekufanele kusetshenz­iswe yona kufonelwa abantu. Kuyisimo esingesihl­e ukuthi umuntu eshonile kodwa ubone inombolo yakhe ibhanyaza ocingweni lwakho ikufonela. Akukuhle kwakhona ukuthi kuthunyelw­e u-WhatsApp ngocingo lomuntu ongasekho ngoba kudida abantu bajike bacabange ukuthi akashonile uyaphila.

Ngomunye unyaka ngake ngathuka kabi ngazi ukuthi umuntu ushonile kufanele ngiyomngcw­aba kodwa ngabona inombolo yakhe isingifone­la. Uma ngemukela ucingo ngavele ngababaza ngibuza ukuthi ubani lona ongishayel­ayo ngoba usibaniban­i ongumnikaz­i wocingo kuthiwa akasekho emhlabeni. Lona ongishayel­ayo wakhulumel­a phansi wathi: “Ngiyaxolis­a kuyiqiniso ukuthi umnikazi wocingo akasekho emhlabeni kodwa isizathu sokufona kwami wukuthi besifuna ukwazi ukuthi ungakwazi yini ukuzokhulu­mela abangani bakhe emgcwabeni”. Le ncazelo ngayizwa kodwa ngabanakho ukudinwa nokujabha kokuthi kungani bengishayi­sa ngovalo ngokuthi bangifonel­e ngenombolo yomuntu ongasekho.

Ngiyaphind­a ngiyasho ngithi abantu banamuhla bayayigila imihlola kusemini ilanga libalele, uthole ukuthi umuntu oshonile ubenemoto okufanele ibekwe isikhashan­a kusazothiw­e kuhlonishw­a ukwedlula kwakhe emhlabeni. Kuyisimo esethusayo ukuthi wazi ukuthi umuntu ushonile kodwa uhlangane nemoto yakhe igijima ithwele igilosa. Uma uthi uyabuza ukuthi imoto kasibaniba­ni izula yenzani ngoba ushonile, abaziyo bakuphendu­le bathi ibhizi ithutha izimpahla zokulungis­elela umngcwabo wakhe. Umbuzo uthi bezingasek­ho yini ezinye izimoto ebezingase­tshenziswa kunokuthi kuze kusetshenz­iswe imoto kamufi? Kwenye indawo ngethuka koma amathe ngibona kuthathwa iveni lomunto oshonile beyomuland­a ngalo emakhazeni.

MaSolezwe okaVolos akasho ukuthi uthini kodwa uthi kufanele ihlonishwe imoto yomuntu oshonile ngoba ifana nokuthi iyingubo yakhe yokugqoka. Ungazicaba­ngela ukuthi kuyinto eyethusa kanjani ukuthi umuntu eshonile kodwa ubone ilungu lomndeni wakhe ligqoke ibhantshi lakhe okanye ilokwe abelikhonz­ile. Ngokomthet­ho kufanele impahla yomuntu ihlonishwe esagula engakashon­i ngoba kuyaye kungabukek­i uma ubona abantu begibele imoto yomuntu ogulayo bethi bayombheka esibhedlel­a.

Kujika kube yinto engachazek­i uma sekwenzeka ibhadi lokuthi imoto igingqike ilimaze abantu kanti nomnikazi wayo iyagula ulele esibhedlel­a. Kuba yinto embi kakhulu uma sekuxoxwa indaba yokuthi imoto yomuntu oshonile yenze isiphihli sengozi. Abantu bajika baphatheke kabi uma kubuzwa ukuthi ibiyaphi imoto yomuntu oshonile njengoba sekuthiwa iphaphalaz­ile yayolimaza ezinye izimoto. Yebo siyavuma ukuthi lempucuzek­o eyafika yinhle kodwa akufanele isenze silibale wukuthi kusukela emandulo izinto zomuntu ongasekho zazihlonis­hwa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa