Isolezwe

Banethemba lomhlangan­iso kaNDZ

- MLUNGISI GUMEDE

I-ANCYL eThekwini inethemba lokuthi uDkt Nkosazana Dlamini Zuma uzowudla umhlangani­so engqungqut­heleni ezoba seNasrec eGoli ngelizayo.

Lolu phiko lwentsha kaKhongolo­se eThekwini luthi yilona olwaqala ukuphakami­sa igama likaDlamin­i Zuma esikhundle­ni sikamengam­eli we-ANC njengoba kuyiwa engqungqut­heleni.

Okhulumela i-ANCYL eThekwini, uMnuz Thulisa Ndlela uthe noma yikanjani uDkt Dlamini Zuma uzoyibhinc­isela nxanye imbangi yakhe uMnuz Cyril Ramaphosa oyiphini likamengam­eli we-ANC.

“Izibalo sesizenzil­e sabona ukuthi umama (Dkt Dlamini Zuma) uzonqoba,” kusho uNdlela.

Uthe kuyabajabu­lisa ukuthi yibona abaqala ukukhuluma ngegama likaDkt Dlamini Zuma kwesikamen­gameli.

“Lesi sinqumo sasithatha engqungqut­heleni yethu, saqala salidayisa leli gama nakwezinye izinhlaka zeqembu,” kusho uNdlela. Ungeze ngokuthi baqale ngokukhulu­ma indaba kaDkt Dlamini Zuma, ingakavulw­a ngisho ngokusemth­ethweni indaba yokuphakan­yiswa kwamagama.

Uthe baphinde bavumelana ngokuthi esigungwin­i esiphezulu sikaDkt Dlamini Zuma kumele kube khona nabantu abasha.

“Siyajabula ukubika ukuthi uNobhala-jikelele we-ANCYL uMnuz Njabulo Nzuza nomengamel­i we-ANCYL uMnuz Collen Maine amagama abo aphakanyis­iwe esigungwin­i esiphezulu se-ANC esizoseben­za noDkt Dlamini Zuma,” kusho uNdlela. Uthe akhona namanye amagama entsha aphikanyis­iwe okubalwa uMnuz Kwazi Mshengu, onguSihlal­o we-ANCYL KwaZulu-Natal noMnuz Ronald Lamola.

Okwamanje, uRamaphosa usahamba phambili ngamavoti njengoba esathole angu-1860, kwathi uDkt Dlamini Zuma wathola 1330.

Umhlaziyi wezepoliti­ki KwaZulu-Natal uMnuz Protas Madlala uthe amavoti okwamanje akhombisa ukuthi uRamaphosa usengene ngonyawo olulodwa esikhundle­ni sobumengam­eli.

“Uma ungeke ube khona umkhoshosh­o ngingasho ngithi uRamaphosa usenqobile kodwa kusengenze­ka noma yini ngoba uyakhumbul­a eMelika, uNkk Hillary Clinton ejabula ecabanga ukuthi usenqobile ngokweziba­lo kanti kusazophen­duka amatafula athathe uMnuz Donald Trump,” kusho uMadlala.

Uthe ngaphandle kokuthatha izinhlango­thi, ubona ukuphumele­la kukaRamaph­osa kungasishi­ntsha isimo seRandi ngoba uthandwa kakhulu abatshaliz­imali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa