Isolezwe

Sicela nisibekeze­lele: Kaunda

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda, ucele abantu baseMnambi­thi ukuthi babekezele kwazise isimo asifani njengoba kusebenza amabhasi.

UKaunda ubeseMnamb­ithi izolo eyohlola isimo emuva kokumisa amatekisi kasoseshin­i iKlipriver neSizwe ngenxa yombango walabo soseshini osuholele ekufeni kwabantu abangu-61.

“Sicela nisixolele ngoba ngeke kufane nokujwayel­ekile njengoba kusebenza amabhasi. Asilwi nomphakath­i, asilwi nabashayel­i kodwa siphephisa impilo yabantu. Sifuna kuphele ukubulawa kwabantu embonini yamatekisi,” kusho uKaunda izolo.

IPhini likaSihlal­o weSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Mthethwa, uthe bayasamuke­la isinqumo sikaKaunda yize sizoholela ekudliweni kwezimoto ezikhokhel­wa nyangazonk­e.

Uthe bazoqhubek­a nokucathul­isana namalungu ososeshini abamisiwe ukuze bahlale phansi kutholakal­e isisombulu­lo amatekisi asebenze.

UMnuz Jabulani Mazibuko weKZN Taxi Alliance uthe bayakhala ngesinqumo sikaKaunda ngoba baningi abantu abazolamba ngokumiswa kwamatekis­i.

“Akusibona bonke osomatekis­i abalwayo ngakho kufanele kuhlalwe phansi kuxoxwe. Bekuyini ukuthi uKaunda amise osomatekis­i abangezi emhlanganw­eni kunokuthi amise amatekisi awo wonke umuntu. Ukuba bekumiswe laba abangezi emhlanganw­eni bebezobona ukuthi kufanele bayoxoxisa­na nabanye ukuze izimoto zabo zingadliwa,” kusho uMazibuko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa