Isolezwe

Ziwushaye buthule kuDJ phakathi nesonto

- FANELESIBO­NGE BENGU

WENZE okungajway­elekile uDJ ozinze eThekwini, uChynaman eshadelwa phakathi nesonto yisithandw­a sakhe seminyaka. UChynaman, ogama lakhe langempela nguSiyabon­ga Gumede, ubophe ifindo likasofa silahlane nesinqanda­mathe sakhe uNomfundo Luthuli. Umshado wabo ubuse-Auberge Hollandais­e Guesthouse, eDurban North. Usuku lwabo luqondane nolokuzalw­a kukaNomfun­do. UChynaman umfake ekhasini lakhe le-Instagram emfisela usuku oluhle lokuzalwa. “Namhlanje kuzalwa inkosazane yakwaLuthu­li. Happy Birthday,” kubhala uChynaman.

Ekhuluma naleli phephandab­a ukuqinisek­isile ukuthi useyindoda eshadelwe. Uthe sebethanda­ne iminyaka engaphezul­u kuka-10 nonkosikaz­i wakhe.

“Sinengane eyodwa futhi njengamanj­e uzithwele enye. Ngijabule kakhulu ngokwenzek­a empilweni yami,” kusho uChynaman yena obegubha usuku lwakhe lokuzalwa izolo.

Emcimbini womshado bekumenywe izihlobo nabangani abasondele­ne kakhulu noChynaman.

Yize engafunang­a ukugxila kakhulu emshadweni kodwa uveze izinhlelo zokukhipha kwakhe i-albhamu entsha ekuqaleni konyaka ozayo.

Usanda kuphumela obala ekhala ngokuthi umculo wakhe awudlalwa emsakazwen­i.

Kulo nyaka ukhiphe ingoma ethi Solid apike kuyo uZano nethi Chase ayihlangan­ise noKyle Deutsch.

“Bengiwuham­bisa kodwa bengawudla­li umculo. Ngokwami umculo, wumculo. Ngeke senze into efanayo sonke ngoba nakhu kudlala igqom’ bese siyayenza. Mina ngikholelw­a esitayelen­i sami. Nangesikha­thi ngikhipha iMillion Times babengayiz­wa kahle,” kusho uChynaman.

Uthe unazo izingoma esezipheli­le azozikhiph­a kwialbhamu yakhe asebenze kuyo nabadidiye­li bakuleli abadume phesheya ngenxa yokudayisa kwabo umculo ezitolo ze-internet.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? BUPHELILE ubumpohlo kuDJ Chynaman njengoba eshadelwe yisithandw­a sakhe uNomfundo Luthuli eDurban North ngoLwesith­athu
Isithombe: INSTAGRAM BUPHELILE ubumpohlo kuDJ Chynaman njengoba eshadelwe yisithandw­a sakhe uNomfundo Luthuli eDurban North ngoLwesith­athu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa