Siphinde selulwa esokuhlangana kwamagatsha
SESIPHINDE salulwa isikhathi sokuhlala kwemihlangano yamagatsha e-ANC ukulungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba.
I-ANC iphinde yalula isikhathi kwaze kwaba uMgqibelo, uNovemba 25, ukuthi kuhlaliswe amagatsha abengakahlali.
Lokhu kuvezwe okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Zizi Kodwa izolo.
UKodwa uthe cishe u-80% wamagatsha abesehlalile ukulungiselela ingqungquthela.
“Ihhovisi likaNobhala jikelele (Mnuz Gwede Mantashe) linqume ukuthi lilule isikhathi sokuhlaliswa kwemihlangano yamagatsha ukukhetha abaholi abaya engqungqutheleni. Lokhu uMantashe ukwenze ngoba engafuni kube namagatsha azosala ngaphandle angayi engqungqutheleni,” kusho uKodwa.
Akukhona okokuqala i-ANC ilula isikhathi sokuhlaliswa kwemihlangano yamagatsha njengoba isikhathi salulwa sisuka ngoLwesithathu olwedlule obekumele kube umnqamulajuqu wokuhlaliswa kwamagatsha kwaba yiSonto.
UKodwa uthe inhloso yokubeka umnqamulajuqu wangoNovemba 15, kwakungekhona ukuvalela nokushiya ngaphandle amagatsha.
“Sikulungele ukuhlalisa ingqungquthela noma yinini. Sidinga ukuthi amagatsha akulungele ukuya kule ngqungquthela.”
Ingqungquthela iqala ngoDisemba 16 kuya kuDisemba 20.
Uthe akanazo izibalo zamagatsha angakahlali wathi yithuba lokuthi lawo angakahlali ahlale ungakashayi uMgqibelo.