Unesifiso sokusebenza nabeqokwe nabo uThuso
OSHIKISHA IBHENTSHI KWIBUCS AKAYIZWA EYOKUSHIYA
Mthoko Bless Njapha: NakuMvela ngeke esalunga, ziyadlala leziya zingane. Uzolokhu elibele ukukhomba ehlulwa ukumaka.
Dj-coolgirl Zamacusi Ncamphish: Koze kulunge.
Bongani Alex Nxumalo Kamandebele: Engingakusho ukuthi ukubekezela kuzala impumelelo mfo kaGcaba
Nongalo Msweli: Bekezela kuzolunga, kwazisholo uSomizi
Thulani Khoza: Uma engekho amaqembu amfunayo, ukuhlala ngentombi ikhona okuyomsiza.
Dumisani Teddy: Akalinde azidlele imali awukho umehluko nabasuke bephakathi UCASULE UMPHAKATHI EHLEKA OSOLWA NGOKUBULALA
Thanduxolo Irvin Shange: wavele wacasula nami
Zamah Khumalo: Bazobolela ejele odoti, izingane zabo sebeyogcina ngokuzibona ema gilasini.
Themba Majola: Lababulali badinga odilikajele abaphindaphindiwe!!
Dj-coolgirl Zamacusi Ncamphish: Abangacasuki usephanjanelwa yikhanda lowo, phela ukubulala akumdlalo
Bongani Alex Nxumalo Kamandebele: Okushukuthi uyakuthokozela akwenzayo lomuntu wesimame
BAGILWE WUGESI WEZINYOKANYOKA Yazi
Smanga Zulu: Isifundo ukuthi uyingozi ugesi wezinyoka ungakhipha isidumbu noma inini.
Bongani Alex Nxumalo Kamandebele: Ayi kwanzima ngalendaba yezinyokanyoka bakwethu, ziphelile izingane zabantu.
Thulani Khoza: Kodwa logesi usungagadla ezinganeni uyeke laba abawuxhuma ngokungemthetho
Goqozile Ndwandwe: Lowo gesi uhlezi unengozi phakathi. UZOLULEKWA OHLULWE KUMA-IDOLS
Nhlanhla Ndlela: Kunjalo-ke uma uzobala ukuthi unezinkukhu ezingaki zingakachamiseli amaqanda
Bonga Gagashe: Udinga imvubu nje
Bonginkosi Goba: Ngobani, kuqala ngaye yini ukuhlulwa? Angazodlala yena.
YIZE engayitholanga indondo abeqokelwe kuyo emcimbini wama-Emmy, eMelika, uThuso Mbedu uthi ngelinye ilanga uzibona esebenza nabesifazane akade eqokwe nabo emkhakheni owodwa kulo mcimbi. NgoMsombuluko ebusuku le ntokazi ibiyingxenye yezihambeli ebezithamele lo mcimbi wokuhlonipha abalingisi emhlabeni wonke. UThuso ubhale enkundleni yokuxhumana u-Instagram ebonga uxhaso alukhonjiswe abantu abahlukene emhlabeni wonke.
Uthe ukuhambela lo mcimbi kumvule amehlo.
“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ngothando, ukungeseka nokungifisela inhlanhla selokhu kwavela izindaba zokuqokwa kwami. Onke amazwi abeqhamuka abesho lukhulu kimina. Lolu bekuwuhambo olujabulisayo futhi angingabazi ukuthi ikusasa liqhakazile,” kusho uThuso.
Uthe njengentsha esemkhakheni wokulingisa amathuba maningi emazweni ahlukene emhlabeni wonke.
“Ayikho into esingeke siyenze uma sihambela izindawo, sihlangana nabantu abahlukene abangabalingisi. Ukuhambela lo mcimbi kungivule amehlo ngezinto eziningi,” kuchaza uThuso.
Okwamanje yize engakazi ukuthi uzokwenzani kodwa uthe amathemba akhe onke uwabeke kuNkulunkulu.
“Ngendlela engikhuthazeke ngayo akukho sizathu engingasibeka sokuthi yini engangivimba ngingasebenzi kanzima. Asisukumeni sisebenze, sicabange ukuze siqale izinto ezintsha. Ngiyambongela kakhulu u-Anna Friel okunguye ohambe nale ndondo,” kuchaza uThuso.