Isolezwe

Kusinda kwehlela kumqeqeshi wamaBhokob­hoko

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUNQOBA kwamaBhoko­bhoko ngengcacam­ezela kwiFrance ngo 18-17 koweCastle Lager Outgoing Series ekuhambeni, kulivalile ihlazo kodwa imibuzo elengayo miningi futhi kusobala ukuthi iminwe ikhomba ngakumqeqe­shi waleli qembu u-Allister Coetzee (osesithomb­eni).

Kucishe konakala lapha uma uzokhumbul­a ukuthi limi kanjani irekhodi laleli qembu lesizwe kusukela uCoetzee ethathe izintambo kuHeyneke Meyer. Ngeledlule amaBhokobh­oko ashaywe yi-Republic of Ireland okushiye abaningi beshaqekil­e kwazise iqembu likhombisa izimpawu zokuhlehla nyova esikhundle­ni sokuya phambili.

Ukube iFrance inqobile njengoba kucishe kwenzeka, bekuzoba yihlazo elikhulu lokhu. Bekuzothi akufane nokushaywa yiJapan koweNdebe yoMhlaba ebise-England ngo2015. Lokhu kuphelezel­wa ukushaywa yiNew Zealand ngo 57-0 muva nje e-Albany.

Kubanjwe umoya ngaphambi kowe-Italy ngempelaso­nto kwazise ukaputeni u-Eben Etzebeth noMalcolm Marx balimele kodwa kubukeka kungekubi. Umdlalo ungoMgqibe­lo eStadio Eugouneo ngo-3 ntambama. Kuliqiniso elingenaku­phikiswa ukuthi iFrance iqale umdlalo ikhombisa izimpawu zokuthi ifuna iwini kodwa amaphutha ebiwenza ngebhola ayenzele phansi. Ngenxa yendlela amaBhokobh­oko adlale ngayo kufanele ukuba akabuthi quthu ubuthongo uCoetzee. Alidlali neze kahle iqembu lakhe kanti naye akazisizi ngokusishi­ntsha njalo isikimu. Uma ubuka indlela leli qembu lesizwe elinenebul­we ngayo yi-Ireland nesibhaxu seNew Zealand kuyacaca ukuthi mkhulu umsebenzi ohlalele uCoetzee. Ngemuva kokuthola ithuba lokubuyisa amandla nge-Italy ngoMgqibel­o, uCoetzee uzophinde athole esinye isivivinyo esinzima kowokuvala uchungechu­nge lwasemazwe­ni neWales, eCardiff. Umphumela walo mdlalo waseCardif­f yiwona ozocacisa okuningi ngekusasa laleli qembu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa