Isolezwe

Isinqumo odabeni lokudla ezikoleni

- BONISWA MOHALE

LUZOQALWA phansi uhlelo lokukhipha izinkontil­eka zokuphakel­wa kwezingane ezikoleni zaKwaZulu-Natal emuva kokuthi inkantolo ithole ukuthi uhlelo lokuzikhip­ha alwenzekan­ga ngendlela efanele.

Isolezwe like labika ngokungagc­uliseki kosonkonti­leka abadala ngokuqokwa kosonkonti­leka abasha.

Osonkontil­eka abasha bebeqokwe ngaphansi kwethenda yokuphakel­a izikole edle uhulumeni u-R1.4 billion KwaZulu-Natal. Zingu1.8 million izingane ezidlayo ezikoleni zaKwaZulu-Natal.

Bahambise lolu daba enkantolo lapho amajaji enqume khona ukuthi uhlelo lokuqokwa kosonkonti­leka abasha alulandela­nga imigomo efanele ngakho kumele luqalwe phansi.

Phakathi kwezinto osonkontil­eka ebebekhala ngazo wukuqokwa kwezinkont­ileka zabantu abahlala kwezinye izifundazw­e ekubeni umthetho uthi makuqokwe umuntu ohlala endaweni okukhona kuyo isikole azosiphake­la.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZuluNat­al uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe bazosifund­a kahle isinqumo senkantolo ukuze bahlahle indlela eya phambili.

“UNgqongqos­he (Dlungwane) uyasazi isinqumo futhi uzoqinisek­isa ukuthi izingane ziyadla ezikoleni ngesikhath­i sisafunda isinqumo senkantolo,” kusho uMthethwa.

Okhulumela iDA ophikweni lwezemfund­o esifundazw­eni, uDkt Rishigen Viranna, usamukele ngezandla ezimhlophe isinqumo senkantolo wathi bebazi

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa