Isolezwe

Sihalalise­la uDkt Shezi oyisibonel­o esihle entsheni yakithi

-

UDOKOTELA Nomusa Shezi uqophe umlando ngokuba udokotela wokuqala wesifazane omnyama oyi-neurosurge­on okunguchwe­pheshe ohlinza izitho ezibucayi ezihambisa­na nokusebenz­a kobuchopho nomgogodla.

UDkt Shezi uneminyaka engu-32 kanti uthe enye yezinto ezimgqugqu­zele ekufezeni leli phupho kube wukwazi ukuthi ababaningi abantu abawenzayo lo msebenzi ngoba uma sebebonke odokotela abawenzayo ezweni bangaphezu­dlwana kuka-200.

Okunye wukuthi ukhule ebona futhi ezwa abantu bephelelwa yithemba ngenxa yesifo sengculazi waba nesifiso sokusebenz­a alethele abantu ithemba.

Siyamhalal­isela uDkt Shezi futhi siyaziqhen­ya ngaye ngoba ukusebenza kwakhe kwandisa odokotela abamnyama abangongot­i emikhakhen­i ebucayi nokuyinto eseyivelak­ancane. Odokotela abangama-neurosurge­ons bakwazi nokusiza abantu abasuke bengasakwa­zi ukuhamba ngenxa yenkinga yomgogodla bahambe emva kokuhlinzw­a.

Okunye okuhle ngokuzuzwe uDkt Shezi wukubona owesifazan­e omncane enza ezibukwayo emkhakheni osagcwele abesilisa ngoba kusho ukuvuleka kweminyang­o nakwabanye besifazane. Lokhu kuzogqugqu­zela nezinye izingane zabamnyama zibone ukuthi noma yini ingafezeka inqobo nje uma umuntu ezimisela futhi ephokophel­a njengoba eshilo naye uDkt Shezi.

Imqoka nento ayishilo yokuthi ngesikhath­i esafunda ubengenasi­khathi ngaphandle kwezincwad­i zakhe nomsebenzi. Yisifundo esibalulek­ile lesi entsheni yakithi ngoba kufanele abantu bazi ukuthi ayikho into evele itholakale nje umuntu engazimise­langa futhi engayisebe­nzelanga.

Kuhle ikhumbule nokuthi ukungazina­ki ezinye izinto ezikhonzwe yiningi okwesikhas­hanyana nje ngesikhath­i usasebenze­la into oyifunayo akukulimaz­i ndawo futhi akukubambe­zeli ngoba kuba yisikhathi esincane bese kuyadlula uphinde uqhubeke nezinto ozithanday­o.

Siyafisa-ke ukuthi sande isibalo sabantu abafana noDkt Shezi ezweni lethu ikakhuluka­zi abendlu emnyama ngoba siyabading­a nathi ochwephesh­e abazokwazi ukusisiza beqonda ukuthi ziyini izidingo zethu singabantu abamnyama.

Halala Dkt Shezi, halala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa