Sisazovuka sizithathe: George Lebese
KUBONAKALA singazange simthene amandla umdlali weMamelodi Sundowns, uGeorge Lebese, isenzo somqeqeshi, uPitso Mosimane, omfake waphinde wamkhipha umdlalo ungakapheli ngesikhathi bebhekene neChippa United koweTelkom Knockout Last 16 ngempelasonto.
ULebese ubonakale edangele ngemuva kokuthi uMosimane emdonsele ngaphandle ngesikhathi iqembu lilandela ngemuva ngo 1-0 kwiChilli Boys nokugcine ngokuthi iSundowns iphume emqhudelwaneni.
Ekhuluma nabezindaba uMosimane uthe uxolisile kuLebese ngesenzo sakhe. ULebese ubengene ngesiwombe sokuqala esikhundleni sikaThokozani Sekotlong olimalile.
Nokho kubukeka elwamukele uxolo lukaMosimane njengoba ebhale ekhasini lakhe kwi-twitter ethembisa abalandeli beSundowns ukuthi iqembu lizophuma kulobu bunzima elibhekene nabo.
AmaBrazilians asehlulwe kathathu kulandelana njengoba namuhla eya emdlalweni we-Absa Premiership ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngo-7.30 ebusuku.
“Sisazovuka sizithathe,” lona wumbhalo kaLebese obuhambisana nophawu lwezinhliziyo nolweSundowns lomunwe okhomba phezulu.
Abalandeli bamesekile bemtshela ukuthi angadikibali. Yize izinto zibonakala zimnyama kwiSundowns njengamanje kodwa kufanele ukuthi irekhodi layo uma ibhekene nePirates yilona elizoyinikeza ithemba lokuthi ingawuthola umphumela ongcono namuhla.
Sekuphele amasizini amabili iPirates ihluleka wukushaya iSundownws. Yagcina ukwenza lokhu ngo-2014 inqoba ngo 3-0. Ngesizini edlule amaBrazilians, aphekwa uPitso Mosimane, awathathe wonke amaphuzu abedlalelwa enqoba ngo 6-0 emzuliswaneni wokuqala nango 2-0 kowesibili.
“Leso bekuyisikhathi esifana ne-honeymoon kithina kodwa manje sesibhekene nesinye isimo esingesihle. Sekufanele silwele ukuthi sishaye amagoli njengoba ngisakholwa ukuthi iqembu lami lidlala kahle,” kusho uMosimane.
Umqeqeshi wePirates,uMilutin “Micho”Sredojevic,utshele abezindaba ukuthi yize amaqembu esezimeni ezingafani kodwa kuncane okuzowahlukanisa enkundleni
namuhla. “UPitso ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu, ngimfanisa no-Alex Ferguson waseNingizimu Afrika. Ngeke ngidalule ngesihlele ukukwenza emdlalweni. Akukho abangakwazi ngathi, akukho esingakwazi ngabo. Yizinto ezincane ezizokwenzeka emdlalweni ezizokhipha ozohlulwa nozowina. Imiphumela emithathu edlule ayisho lutho,umphumela ka 6-0 awusho lutho. Ukukhuluma kakhulu akusho lutho. Okuzobaluleka yilowo ozokwenza kangcono ngoLwesithathu,” kusho uSredojevic. Imidlalo ye-Absa Premiership: Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Cape Town City FC v Free State Stars (Athlone Stadium); Platinum Stars v Ajax Cape Town (Royal Bafokeng Stadium); AmaZulu FC v Baroka FC (King Zwelithini Stadium); Orlando Pirates v Mamelodi Sundowns (Orlando Stadium); Bidvest Wits v Chippa United (Bidvest Stadium)