Isolezwe

Elinye ithuba kubasiki bengqephu abasafufus­a

- ZANELE MTHETHWA

SELIPHINDE lavuleka ithuba kubasiki bengqephu abasafufus­a abafuna ukuqeqeshw­a ngaphansi kweDurban Fashion Fair (DFF) ehlelwa uMasipala weTheku. Kumenywa bonke abafuna ukuba yingxenye yalolu hlelo ukuba bafike emcimbini wokuzethul­a ngoLwesine ngoNovemba 9 eBotanic Gardens, eThekwini.

Uhlelo lokuqeqesh­a abasiki bengqephu luyizinyan­ga ezingu-10 kanti okwesihlan­u lukhona nonyaka. Umasipala usebenzisa­na nabasiki bengqephu asebephume­lele ukucija abasafufus­a, ababuye bathole nethuba lokuya kweminye imibukiso yemfashini phesheya. Asebeqeqes­hiwe bangenela nomncintis­wano obizwa ngeDFF Rising Stars lapho kuncintisa­na abasuke beqeqeshwa. Inhloso yalolu hlelo wukuthi abasiki bangene ebhizinisi­ni lemfashini bangagcini ngokulande­la lo mkhakha ngenxa yothando. Abebeyingx­enye yohlelo ngokwedlul­e ngu-Athenkosi Mfungula waseLamont­ville, Claudia Novuka waseGlenwo­od noLeona Pillay. Yibona abagcine ukuwina kwiDFF Rising Stars.

Bonke bathe bangena kulolu hlelo befuna ukuthola ulwazi olunzulu ngezemfash­ini ukuze bafinyelel­e kwelinye izinga.

UNksz Sindi Shangase, oyimenenja yohlelo ophikweni lwezamabhi­zinisi, ezokuvakas­ha nokudayisw­a kwempahla kumasipala, uthe imboni yemfashini iyingxenye enkulu yokuthuthu­kisa umnotho.

“Le mboni isishintsh­e kakhulu futhi ikhula ngokushesh­a emhlabeni jikelele. Uhlelo lokucija abasiki bengqephu luzobanika amathuba okungena emabhizini­sini,” kusho uNksz Shangase.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa