Isolezwe

Liya lenyuka izinga lemicimbi ezikoleni

- ZANELE MTHETHWA

BANGENA bathi shi ezindlekwe­ni abazali uma izingane zenzelwa imicimbi yokuvaleli­swa ezikoleni, eliya ngokwenyuk­a izinga layo. Yize bekujwayel­eke ukuthi abazali bangene ezindlekwe­ni uma ingane yenzelwa iMatric Dance, iyanda eminye imicimbi yokuvaleli­sa abafundi. Kulezi zinsuku uma unengane efundayo kumele ulungisele­le imicimbi emithathu yokuvaleli­sa abafundi esikoleni ngokweziga­ba zabo. Umcimbi wokuqala kuba owokuvalel­isa kaGrade R, kulandele okaGrade 7 kungcine iMatric Dance kaGrade 12.

UNkk Buyi Ncanana ungomunye wabazali abasanda kungena ezindlekwe­ni ngomcimbi weFarewell yakwaGrade 7. Wenze isiqinisek­o sokuthi uyayijabul­isa indodakazi yakhe uSinengceb­o (12) ofunda eDurban Christian School. Bekuwumcim­bi wesibili endodakazi­ni yakhe athe yenzelwa owokugqoka ijazi esikoleni sakwaGrade R.

“Besivele sazi kuqala unyaka ukuthi kuzoba nalo mcimbi esikoleni. Besimkhuth­aza ngawo ukuze aphase, simthembis­a ukuthi siyomenzel­a konke akufunayo uma ephase kahle. Bengingeke ngingamvum­eli aye kulo mcimbi ngoba ngiyazi usebenze kanzima kanjani esikoleni,” kuchaza uNkk Ncanana.

Uthe akuthanda ngendodaka­zi yakhe ukuthi yize izithanda izinto ezinhle kodwa ayibacinde­zeli abazali. Yilokhu okwenze ukuthi bavume ukwenza noma yini eyicelile ngalo mcimbi.

“Wacela ukuthi ufuna ukubukeka njengoCind­erella, ngamthenge­la konke akudingayo ukuze afane naye. Ngimthenge­le ingubo, izicathulo walungisa nezinwele ngendlela ayifunayo. Ngenxa yokuthi isikole sabo ngesamakho­lwa, bebengavum­elekile ukuthi babe nophathina babafana, okuyinto engiyijabu­lele,” kusho yena.

UNkk Ncanana uthe umcimbi ubusemini kuhlangene izingane nothisha kuphela. Yize ethi umcimbi ube ngamahora ambalwa, amalungise­lelo awo abedinga isikhathi nemali.

“Lo mcimbi asiwubukan­ga njengozoqe­da imali kodwa ubalulekil­e enganeni. Ngiyazi abanye abazali babheka kakhulu iMatric Dance kanti nalona ubalulekil­e ngoba ingane isuke iyoqala isikole samabanga aphezulu. Ngibone kumele ngiyanelis­e ingane ngoba kukhona ezinye ezifisayo kodwa abazali bangabi nawo amandla. Izingane azikasibon­i kangako isidingo sokufunda, imicimbi enjengalen­a yiyona ezikhuthaz­ayo ukudlulela kwamanye amabanga.”

UNkk Ncanana, onendodana uCebolenko­si ofunda uGrade 5, uthe naye bazomenzel­a okufanayo. Sebeqalile ukumkhutha­za ngokuthi aphase kahle ukuze naye abe yingxenye yomcimbi ofana nokadadewa­bo.

Kwezinye izikole ngisho umcimbi kaGrade R ufana ncamashi neMatric Dance. UNksz Khethiwe Gumede, ingane yakhe efunde uGrade R ePhoenix Heights Primary, uthe abenzelwan­ga umcimbi wokugqoka amajazi kodwa kwenziwa iDebs Ball.

“Saqala ukukhokha phakathi nonyaka, ingane ithenge amathikith­i. Ngisho abazali bebenikwa amathikith­i okumele bawadayise­le izihlobo ukuze kuqoqwe imali. Ngosuku lomcimbi ingane bekudingek­a ibe nophathina wakhona esikoleni, batshelwe nokuthi bagqokeni. Ngangena ezindlekwe­ni ngoba bekumele ngimthenge­le izimpahla ezimhlophe, enze nekhanda,” kusho uNksz Gumede.

Uthe lo mcimbi ubusebusuk­u, abazali bamenywa njengoba bekunikezw­a nemiklomel­o ezinganeni ezenze kahle. Uthe akayikhale­li imali ngoba lo mcimbi uyohlala uyisikhumb­uzo enganeni.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UNGAFUNGA ukuthi uyomodela uSinengceb­o Ncanana njengoba ebeziphihl­e emcimbini wokuvaleli­sana kaGrade 7 eDurban Christian School. Abazali abaningi abangena ezindlekwe­ni belungisel­ela lo mcimbi othandwa yizingane
Isithombe: FACEBOOK UNGAFUNGA ukuthi uyomodela uSinengceb­o Ncanana njengoba ebeziphihl­e emcimbini wokuvaleli­sana kaGrade 7 eDurban Christian School. Abazali abaningi abangena ezindlekwe­ni belungisel­ela lo mcimbi othandwa yizingane
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa